Injabulo eyomela elakuleli kwi-Ironman World Championship

Thathe Msimango

USanele Shange usezakhele igama emabhukwini omlando ngokuba umsubathi wokuqala omnyama wakuleli we-triathlon ukungenela i-Ironman World Championship.

Lo mjaho oba minyaka yonke uhlanganisa ukubhukuda u-3.8km, ukugibela amabhayisikili amakhilomitha angu-180, nokugijima ibanga elingu-42km.

Umcimbi walo nyaka uzoqala mhla ziyisithupha kuMfumfu e-Hawaii.

UShange owaphuma isibili ku-African Ironman Championship ka-2021 e-Gqeberha ubhekane nengqinamba ekuqaleni ngesikhathi kudingeke ukuthi ahlanganise isamba sika-R250 000 ukuze afeze iphupho lakhe.

Wakha i-akhawunti ye-BackaBuddy futhi kukhona oweqembu lakwa-Spar owaxhasa uhambo lwakhe. 

Phezu kwakho konke lokhu kukhanya uShange akakholwa ukuthi uMnyango wezeMidlalo kuzwelonke umphoxe kanjani ngemuva kokumthembisa ukumsiza.

“Ngizoqopha umlando  futhi lokhu kuyiphupho lami. Bengingakaze ngicabange ukuthi ngingazuza lukhulu ngesikhathi esifushane ngokomthetho wezemidlalo,” kusho uShange obejabule. 

“Bengicabanga ukuthi ukuthola uxhaso lwezimali kuzoba lula, kodwa akunjalo.

“Angazi ukuthi kungani bethathe isinqumo sokuhoxa. Bekudumaza kakhulu ukufakaza, kodwa ngiyajabula ukuthi abanye abantu bafake imali ukuze iphupho lami libe impumelelo.”

Lo msubathi oneminyaka engu-30 odabuka eGigindlovu KwaZulu-Natal useqeqeshwa nguDonovan Dutch onqobe i-2019 World Triathlon Championships esigabeni seminyaka engu-34-39.

UShange kulindeleke ukuthi alifulathele leli ngomhlaka-28 kuMandulo ukuyojwayela isimo sezulu e-Hawaii.

“Iphupho lami ukumela izwe ngokuzigqaja. Ngidinga ukukhombisa bonke abantu bakuleli ukuthi amaphupho akhona futhi ayafezeka.”

“Le mpumelelo izogqugquzela zonke izinhlobo zabantu ukuthi zihlale zinethemba empilweni. Ngizilungiselele ngokugcwele futhi ngithemba ukuthi ngizobuya nesicoco ngosuku lomjaho.”

Izihloko zakamuva