Everson Luhanga
NgoLwesihlanu imigwaqo yase-Blantyre, e-Lilongwe neyase-Mzuzu ibigcwele abantu abagqoke umbala obomvu, omnyama noluhlaza okwesibhakabhaka ngemuva kokunqoba kwe-Malawi iguqisa i-Zimbabwe kwi-Afcon.
Abalandeli bebhola bajabulele ukunqoba kwe-Malawi sengathi iwine i-Africa Cup of Nations kodwa-ke lo mqhudelwano usazoqhubeka kweyamaqoqo e-Cameroon.
Ukunqoba kwe-Malawi ngo 2-1 beguqisa i-Zimbabwe kufake umfutho kwi-Malawi njengoba ifuna ukufika esigabeni somkhumulajezi. Kodwa ngaphambi kwalokho, kuzofanele banqobe ompetha bangonyaka ka-2019, i-Lions of Teranga yase-Senegal.
I-Scrolla.Africa ihlanganyele nabalandeli abavela e-Malawi nase-Zimbabwe abahlangane kwenye yezindawo ezipholile e-Alexandra, eGoli.
Kusukela kukhale impempe, abalandeli balama qembu womabili bebeqagela ukuthi umdlalo uzovuna bona. Ngesikhathi i-Zimbabwe ishaya igoli layo lokuqala, abantu basukume bajabula kakhulu babhiyoza, abanye abalandeli bangena endaweni yokudansa kodwa abalandeli base-Malawi bavele bathula.
Ugezeke ubebebe uMatthias Kumwenda odabuka e-Malawi, obesho kwasekuqaleni ukuthi i-Malawi izowina, ngesikhathi kungena igoli lika-Ishmael Wadi ngomzuzu ka-12.
Ngomzuzu ka-43, igoli likaHellings Frank “Gabadinho” Mhango liphinde lajabulisa abase-Malawi.
UGabadinho Mhango, ongumdlali wokuqala wase-Malawi ukushaya igoli kulo mqhudelwano, unikeze abase-Malawi esinye isizathu sokudansela izingoma zakubo ngesikhathi eshaya igoli lakhe lesibili ngomizuzu ka-58.
UMatthias ubelokhu etshela abantu base-Zimbabwe ukuthi abayeke ukutatazela bezifakela ingcindezi.
“INingizimu ne-Afrika isazomelwa i-Malawi esigabeni somkhumulajezi,” etshela abalandeli base-Zimbabwe ababengeneme.
“Sonke kumele siseke i-Malawi futhi kumele sibe nethemba lokuthu izoguqisa i-Senegal ngoLwesibili,” kusho uMatthias.
UCharles Nyirenda uthe i-Malawi yagcina ukujabula ngesikhathi ihlangene njengesizwe ngenkathi ivotela iqembu eliholwa nguPeter Mutharika.
“Sifuna le njabulo nsuku zonke njengesizwe,” esho ezinkundleni zokuxhumana.
I-Malawi yake yangena kulemidlalo ngonyaka ka-1984, ngo-2010, nangonyaka ka-2021.
Ngo-2010, basuse omkhulu umsindo beshaya i-Algeria ngo 3-0.
Abadlali base-Malawi banethemba lokuthi bazophinde bajabule njengoba i-Malawi izobhekana nqgo ne-Senegal ngoLwesibili.
Umdlalo uzoqala ngo-6 ntambama enkundleni yase-Kouekong, e-Bafoussam.