Injabulo eLimpopo ngesikhathi saMarula

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

E-Limpopo sekuyisizini yaMarula kanti uDinah Ndlovu oneminyaka engu-72 wenzela umphakathi wase-Mavele Village eduze kwase-Tzaneen ubhiya wesintu odumile a-marula.

Lo bhiya uwenze kusukela esemncane ngemuva kokufunda kunina obezenzela isiphuzo sesintu enzela umndeni nabangani.

Eseyintombazane, uDinah wayesithanda kakhulu lesi siphuzo esimnandi ikakhulukazi ngaphambi kokuba sibile sibe utshwala.

Njalo ngonyaka, uqoqa izithelo zomdabu ngebhala lakhe azifake emasakeni. Uma izithelo seziphuzi, ukhamela ijusi endishini enkulu.

“Ngokuhamba kwesikhathi ngikhipha imbewu bese ngithela amanzi kwijusi bese ngikufaka kumgqomo omkhulu,” usho kanje. “Ngakusasa ijusi iba negwebu bese ngiyalikhipha ngoba usuke usulungele ukuphuzwa. Kodwa-ke, ijusi iba mnandi usuku olulodwa kuphela futhi ingaphuzwa izingane, kodwa ngemva kwezinsuku ezintathu iyabila bese iphenduka ubhiya.”

UDinah uthi ubhiya ungawubeka efrijini cishe amasonto amabili ngaphambi kokuba ulahlekelwe ukunambitheka kwawo. Udayisa ibhodlela lamalitha amabili ngo-R15.

“Asikho isidingo sokukhokhisa abantu imali eningi,” esho.

“Kuyisipho semvelo kubantu futhi kwanami angizithengi izithako.”

Abantu bangakwazi futhi nokwenza i-marula achar kanye nojamu ngesithelo. Imbewu engaphakathi kwesithelo iphenduka intongomane elinomsoco uma isiyomile.

U-vitamin C wa-Marula uphezulu ngokuphindwe kasishiyagalombili kunewolintshi. Isithelo siqukethe i-oleic acid kanye nama-antioxidants. 

Amantongomane ama-marula aqukethe okunomsoco ngokuba namazinga aphezulu amaprotheni, amandla kanye namaminerali.

UDinah uthe lo ubhiya wakhe awukhonzile nokusenesikhathi eside ewuphuza.

“Umahhala futhi uhlanza igazi lami usize nokugaya ukudla emzimbeni. Unginika amandla. Angifani neningi lontanga yami abahlezi behleli nje usuku lonke, mina ngihlale ngimatasa. Okuhle kakhulu ukuthi awuphathwa ibhabhalazi,” esho.

Ngesikhathi sokuvuna ama-marula, abantu abaningi asebekhulile benza imali eyengeziwe ngokukhiqiza nokudayisela abantu bendawo ubhiya, abazithandela ukuzipholisa ngawo uma kushisa ilanga.

Abadayisi abaningi badayisa amabhodlela amalitha amabili ngemali ephakathi kuka-R15 no-R25. Badayisela kakhulu ezindlini zabo, njengoDinah ovumela amakhasimende ukuthi ajabulele ubhiya emzini wakhe noma awuphuzele ezindlini zawo.

Abanye badayisa ubhiya wabo edolobheni.

Isikhathi samarula siqala ngoZibandlela siphele ngoNdasa endaweni yase-Tzaneen.

Minyaka yonke uhulumeni wase-Limpopo ubamba uMkhosi wamaMarula e-Phalaborwa, lapho kuhlinzekwa khona ubhiya wamahhala kwabahambele umcimbi.

Osesithombeni esingenhla: UDinah Ndlovu nobhiya wakhe we-marula. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva