Lubhalwe nguThathe Msimango
Yize eqale ukungenela imidlalo yamabhayisikili eminyakeni emine edlule, uSiyanda Gumede usefana nomakadebona kulo mdlalo.
Kule mpelasonto esiphuma kuyona uGumede unqobe iKwaZulu-Natal Road Cycling Championship esigabeni esiphezulu emdlalweni obusezintabeni zoKhahlamba, e-Underberg.
Lo mshayeli webhayisikili oneminyaka engu-22 ubudala uthi umzila osetshenziswe ngosuku lomjaho ube nomthelela ekunqobeni kwakhe.
“Ngiyajabula ukuthi ngiphumelele kulo mjaho. Ukungena kulo mdlalo bekuyigxathu elikhulu kakhulu kumina,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Obekuyinselela kakhulu ngempelasonto ukuthi umzila ebesigijima kuwo ubugcwele amagquma. Kodwa anginankinga nawo ngoba ngiyazazi ngimandla kakhulu uma ngibhekene nawo futhi kungisizile kakhulu.”
UGumede wazalelwa e-Hammarsdale ngaphandle kweTheku.
Uthando lwakhe lokugibela ibhayisikili wagxiliswa kulo ngabazali bakhe.
“Amabhayisikili bekuyinto engangiyithanda ngenhliziyo yami yonke. Bengihlezi ngiligibela ngagcina sengingenile kulo mdlalo. Baningi abantu abamnyama asebethanda ukugibela amabhayisikili futhi kuyajabulisa ukukubona lokho.”
Ngokuwina ngempelasonto, osemusha weqembu i-Siata Cycling Club usezibekisele indawo yokuyomela isifundazwe emqhudelwaneni kazwelonke ozoba seKapa ngomhlaka-12 kuNhlolanja.
“Ngaphinde ngabamba iqhaza kweyesizwe ngo-2021. Umqhudelwano uba nzima uma ubhekene nabahamba phambili kuleli. Ngikholwa ukuthi ngifundile kulokho futhi nginethemba lokukusebenzisa lokho engikufundile ukuze ngizuze. Uma ngingangena kuhlu lwabantu abayishumi ngizojabula kakhulu.”
Isithombe esingenhla : USiyanda Gumede
Umthombo wesithombe : Sithunyelwe