Injabulo e-UK bebona inyoni yase-Afrika

Dylan Bettencourt

Kukhona okusha okumangazayo e-UK njengoba izinkulungwane zababukeli bezinyoni base-Brit bethutheleka endaweni eyodwa ukuze babone i-South African Cape gull.

I-Cape gull ijwayele ukubizwa njengesinambuzane sakuleli futhi ibonakala eKapa. Ithathe uhambo oluya e-England futhi iye endaweni yase-Grafham yahamba amahora amabili ukusuka e-London, njengokusho kwe-Business Insider.

Okokuqala ngqa ukuthi kubonakale i-wild Cape gull e-UK. Okwengeza indida ukuthi kungani le nyoni ikhethe ukufuduka izozinza endaweni eqhele ngamakhilomitha ayikhulu ukusuka ogwini okuyindawo lapho itholakala khona kakhulu kuleli.

Le nyoni inikezwe impilo entsha e-UK njengoba elakuleli liphatha lezi zilwane njengezinambuzane.

Lolu hlobo lunomkhuba wokuhlwitha amawundlu namankonyane lapho abalimi bephoqeleka ukuthi basebenzise ama-scarecrows ukuze bawagcine kude nezilwane zabo. Iyaziwa ngokuhlwitha ukudla ezandleni zabantu abahamba ngezinyawo eduze kolwandle.

Kodwa-ke e-London le nyoni ibizwa ngokuthi intokozo emangalisayo futhi bayibona injengesimangaliso. 

Abathanda ukubuka izinyoni ama-seagull okuyizivakashi zase-England zibonakale ngobuningi bazo zizama ukubona kancane le nyoni yase-Afrika.

I-Cape gull ayiqali ukwenza isinqumo esimangalisayo sokufuduka.

I-Kelp gull okukholakala ukuthi yatholwa endaweni yokulondoloza izilwane e-Paris ngo-1995 yashiya ososayensi abaningana bemangele ukuthi yayizohamba ibanga elingakanani phakathi nenqubo yokuthuthela kwenye indawo.

Naphezu kokuthi i-France ithi itholakele le nyoni kuthiwa yayihamba i-Afrika yonke ngeminyaka yango-1980 ngaphambi kokuba izinze e-England.

I-Kelp gull ibivame kakhulu ukufika eminyakeni yakamuva, kodwa selokhu yagcina ukuvela kancane ngo-2019 e-England.

Umthombo wesithombe: @Observation

Izihloko zakamuva