Lubhalwe nguMashudu Mabila
UKhisimusi ufike ekuseni kakhulu kulaba abazoya e-Zimbabwe besuka kwelakuleli njengoba ngoZibandlela wonke umgibeli wamabhasi ongaqanjwanga amagama bethole amalitha amabili amafutha okupheka.
Abagibeli bala mabhasi asuka eGoli bathola amafutha amahhala kubika i-The South African.
UBlessings Romaba ongomunye wabantu abebesebenzisa amabhasi ucashunwe ethi: “Umthuthi wamabhasi wenzela amakhasimende akhe into enkulu kulo Zibandlela kulo lonke uhambo olusuka kuleli liya e-Zimbabwe.”
Kodwa-ke, abaningi ezinkundleni zokuxhumana bebezibuza ukuthi lamafutha okupheka aqhamukaphi. Abanye baze benza amahlaya bephakamisa ukuthi kungenzeka ukuthi antshontshwa estolo sase-Sunfoil esiseGoli njengoba kwantshontshwa khona uwoyela obiza izigidigigi ngoMfumfu.
Noma ngabe uwoyela uvelaphi kunento eyodwa eqinisekile ukuthi abagibeli ngeke kudingeke bakhathazeke ngokuthosa ukudla kwabo abakuthandayo ngalo Khisimusi. Amafutha okupheka angeke kube into abazikhathaza ngayo.
Isithombe esingenhla esabagibeli bephethe amafutha abo okupheka
Umthombo Wesithombe: The South African