Injabulo AmaZulu edlulela kowamanqamu

Michael Madyira

IKaizer Chiefs iphumile ku-MTN8 kulandela ukudlala ngokulingana  emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu bebhekene naMaZulu ngeSonto.

Ngemuva kokuthi umdlalo obusenkundleni i-FNB uphele ngokulingana (1-1), AmaZulu asizwe amaphuzu abenawo ngaphambi komdlalo ukuze adlulele kowamanqamu ngo 1-1.

AmaZulu azobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu ngemuva kokuthi amaBhakabhaka eguqise iMamelodi Sundowns ngamagoli amathathu eqandeni e-Limpopo ngoMgqibelo.

Ngokuqondene neChiefs kuzomele ilinde isikhathi eside ukuze ithole indondo yesiliva yokuqala kusukela ngo-2015 kulandela ukuphuma kwayo ku-MTN8.

Umgadli waMakhosi uBonfils-Caleb Bimenyimana umangaze abaningi esengena enkundleni ngemuva kwemibiko yokuthi uzohlala inyanga engadlali ngenxa yokulimala.

Umqeqeshi u-Arthur Zwane ubeke uBrandon Petersen epalini njengoba uKaputeni u-Itumeleng Khune elimele.

KuMaZulu uKaputeni uMakhehlene Makhaula ubuyile ekudlaleni ngemuva kokuhlaliswa ebhentshini emdlalweni wokugcina ne-Maritzburg United.

Kuthe sekusele imizuzu eyishumi kuyiwe ekhefini uKeagan Dolly uzame ukushaya igoli engaphandle kwebhokisi, lowo kube umzamo weChiefs wokuthola igoli esiwombeni sokuqala.

Emuva kwemizuzu emihlanu AmaZulu acishe azuza ngemizamo kaPetersen, kodwa umzamo kaSiphesihle Maduna awuhamba kahle njengoba egeje igoli ngaphambi kokuthi uGeorge Maluleka avivinye unozinti weChiefs ngeshodi elinamandla ngemuva kwesikhashana.

Abasingathi bebecabanga ukuthi sebeyitholile iphenalthi ngesikhathi uZitha Kwinika noSifiso Hlanti bewisa u-Augustine Kwem phakathi kwebhokisi, kodwa unompempe uJelly Chavani wathi awuqhubeke umdlalo.

Amathuba amahle okushaya amagoli aqhubekile nokuvela ku-AmaZulu kwathi uKwem walivalela phezu kwepali njengoba bekumele ahlule uPetersen ngaphambi kwemizuzu emihlanu kushaye ikhefu.

UMaduna ube eseshibilika engaphakathi kwebhokisi ngemuva kokucushwa uKwem ngaphambi nje kwekhefu.

Ambalwa amathuba abonakale esigabeni sesibili yize Amakhosi efake ingcindezi eningi ngoba azi ukuthi ukudlala ngokulingana kuzowaqeda nya.

Emuva komzuzu engenile uKhama Billiat ungene ebhokisini wahlangana nephasi enhle kaKgaogelo Sekgota ngesikhathi bekukhona unozinti waMaZulu kuphela uVeli Mothwa.

Sekusele imizuzu eyishumi uDolly engaphandle kwebhokisi ugeje igoli ngesikhathi iChiefs izama ithuba legoli elilodwa nje.

Kodwa lezi zinkunzi zase-Soweto aziwatholanga amathuba acacile futhi umqeqeshi waMaZulu, uRomain Folz uphushe abadlali bakhe ukuthi bavikele ipali.

Abasingathi badlulele kanjalo kowamanqamu kanti amathemba e-Chiefs okunqoba indebe yokuqala ngaphansi kukaZwane ashabalele.

Umthombo wesithombe: @AmaZulu FC

Izihloko zakamuva