Lubhalwe nguRazeen Gutta
Abesifazane bakuleli bahlule i-Bangladesh ngamawikhethi ayishumi ukuze bangene kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba i-ICC T20.
I-Bangladesh ikhethe ukushaya kuqala kodwa yakwazi ukushaya amabhola angu-113-6 kuphela kuma-overs angu-20.
UMarizanne Kapp no-Ayabonga Khaka yibona abaqokwe ukuthi baphose ibhola ngamawikhethi amabili umuntu ngamunye.
UKapp bekungadingeki ukuthi ashaye i-bat ngesikhathi ama-Proteas ephuma njengoba uTazmin Brits noLaura Wolvaardt bekwazile ukuzenzela bebodwa sekusele amabhola angu-13.
Bobabili bafinyelele kwi-half centuries, uBritz edlala enye indima uWolvaardt washaya amabhola angu-117 kwangu-66 engakaze ahlulwe.
“Besingaphansi kwengcindezi futhi besithembe ukuthi ama-runs azofika ekugcineni okuyinto encane ebesiyicabanga emqondweni,” kusho uWolvaardt ngesikhathi eqoqa umklomelo wakhe womdlali ovelele.
“Sikwenze kwaba nzima kunalokho obekuyikho. Bekuyiwikhethi enhle ukushaya kuyo kanti sishawe nayisikhathi, kodwa sesikulangazelele ukudlala kowandulela owamanqamu e-Newlands.”
“Ngiyethemba sizoba nomdlalo omuhle njengoba ngibe nomqhudelwano onzima kuze kube manje. Kodwa lona ngizwa sengathi uzoba mnandi kakhulu.”
Isithombe esingenhla: Iqembu labesifazane lama-Proteas
Umthombo wesithombe: @proteaswomenncsa