Lubhalwe intatheli yeScrolla
Iziphathimandla zedolobha lase-Berlin, e-Germany sezimemezele ukuthi abesifazane bavumelekile ukungagqoki lutho ngaphezulu ezindaweni zokubhukuda uma bethanda.
Ngesonto eledlule iziphathimandla zithe abesifazane bayafana nabesilisa futhi bazovunyelwa ukubhukuda ngaphandle kokuvala ingxenye engaphezulu yemizimba yabo.
Lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokuthi owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala efake isikhalazo sokuthi wavinjelwa ukungena endaweni yokubhukuda ngoZibandlela ngenxa yokuthi wayengagqokile ngaphezulu, kubika i- Insider.
“Isimemezelo sedolobha sokuvumela ukubhukuda ngaphandle kokugqoka ngaphezulu senzelwe ukukhombisa amalungelo alinganayo kubo bonke abantu base-Berliner, kungaba abesilisa, abesifazane noma ngubani,” kusho uDoris Liebscher ongumphathi wehhovisi lika-ombudsman wedolobha, kanti ukwenze lokhu ngenhloso yokuphathwa ngokulinganayo,”etshela abezindaba.
ULiebscher wengeze ngokuthi lesi sinqumo sizonikeza isiqiniseko esisemthethweni kubasebenzi abasebenza ezindaweni zokubhukuda zomphakathi.
Izinqumo zangaphambilini ezimayelana nezindawo zokubhukuda zazithi izivakashi kwakufanele zigqoke izingubo zokubhukuda ezijwayelekile.
Kodwa manje umthetho ozosebenza ukuthi abesilisa nabesifazane bamboze umzimba wabo ongezansi, ngaphandle uma beya olwandle oluvumela ukuthi abantu babe nqunu.
I-Berlin akulona idolobha lokuqala ukushintsha umthetho ophathelene nokuvunyelwa ukungagqoki lutho ngaphezulu uma usendaweni yokubhukuda e-Germany. NgoNhlaba odlule idolobha lase-Goettingen livumele ukubhukuda ngaphandle kokugqoka lutho ngaphezulu, kodwa ngempelasonto kuphela.
I-Germany inezindawo zokucima ukoma okwazi ukungena kuzo unqunu ezingaphezu kuka-130 ezweni lonke lase-Europe.
Ngakho-ke, abesifazane uma befuna ukubhukuda bengagqoke lutho ngaphezulu ukuthuthela e-Germany kungase kube icebo elihle lelo.
Isithombe esingenhla: Ababhukuda bengagqoke lutho ngaphezulu
Umthombo wesithombe: Stock