Lungani Zungu
UKhabazela Mkhize uzithole ecwile ezikweletini ngesikhathi exoshwa emsebenzini kuMasipala wase-Newcastle eminyakeni emithathu edlule.
Namuhla uyajabula ngemuva kokuthi ephinde aqashwe kabusha umasipala owayalelwa iNkantolo yezabaSebenzi ukuthi ukhokhele abasebenzi izigidi zemali ngemuva kokukhipha isinqumo sokuthi ukuxoshwa kwabo kwakungafanele.
UMkhize ungomunye wabasebenzi bakamasipala abangu-223 abaqashwe kabusha uMasipala wase-Newcastle ngemuva kokuthi baxoshwe ngo-2019 ngenxa yokuba nesandla esitelekeni esingekho emthethweni.
Uthe akasakwazi ukulinda ukuthi abuyele emsebenzini mhla zintathu kuMfumfu.
“Ngiyajabula ukuthi ngizophinde ngikwazi ukondla umndeni wami kanye nami,” kusho uMkhize.
“Kuzwakala sengathi usuku lwami lokuqala esikoleni.”
UKhabazela uthe akazi ukuthi uzohola malini.
“Noma yini engiyitholayo ngizokwazi ukuqala kabusha.”
Uthe ucwile ezikweletini futhi uzosebenzisa le mali ukukhokha ezinye zezikweletu zakhe.
“Ngijabule kakhulu,” esho.
Iningi labasebenzi liphucwe izimoto kanye nezindlu ngemuva kokuxoshwa emsebenzini.
Abasebenzi abayisishiyagalombili kwabangu-223 sebeshonile kanti abanye sebehola isibonelelo sikahulumeni sabantu abadala.
IMeya yase-Newcastle uMnu Xolani Dube, uthe imali okumele ikhokhelwe abantu asebeshonile izonikwa imindeni yabo.
Mayelana nalaba asebehola impesheni imali sizoyifaka ezikhwameni zabo zempesheni” kusho uDube.
UDube uthe abasebenzi bazokwamukelwa ngezandla ezimhlophe uma sebebuyela emsebenzini.
“Kubuhlungu ukuthi abantu abaningi baphathwa ngendlela engafanele ngabantu abazibophezela ukuthi bazobavikela, akekho umuntu okufanele aphathwe njengalaba basebenzi,” kusho uDube.
Baxoshwa ngo-2019 kusaphethe lowo owayeyimeya uDkt Ntuthuko Mahlaba osenguMgcinimafa we-ANC KwaZulu-Natal.
Bateleka ngenxa yokubambezeleka kokukhokhwa kwemiholo.
Kodwa-ke, akwaziwa ukuthi umsebenzi ngamunye uzothola malini ngoba abasebenzi babesebenza emazingeni ahlukene naseminyangweni eyahlukene.