Injabulo abangu-20 000 bebuya bephephile ekusokeni

Nothando Makhubela

Ngemuva kwezinyanga ezimbili abazichithe ezikoleni zokusoka ezingu-185 eMpumalanga, bonke abafana abancane abangu-20 000 bakwaNdebele babuye bephila ezintabeni.

Ukubuya kwabo kugujwe emcimbini omkhulu obungeSonto esigodlweni sakwaMathibela e-Bushbuckridge, eMpumalanga.

Lo mgubho ubuqondane nosuku lwaminyaka yonke lweSiko lwesiNdebele.

U-Ikosi William Mahlangu, iNduna uKgosi Mathupha Mokoena kanye nabaholi bomkhandlu wendabuko i-Contralesa bajoyinwe uNgqongqoshe wezamaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka eMpumalanga uThandi Shongwe kanye nabazali ekwamukeleni abafana abancane.

AmaNdebele agubha usuku lweSiko minyaka yonke kanti nokusoka kwenzeka njalo eminyakeni emine.

Ezikoleni zabo zokusoka abafana abancane bafundiswa ukuziphatha, izimiso, ubunzima, inhlonipho kanye nokuziphendulela ngosiko lwabo. Yindawo lapho abafana abancane abakhushulelwa khona esigabeni sokuba izinsizwa ngemuva kokusokwa.

UShongwe uncome abafana abancane ngesikhathi kunomcimbi wokubamukela waphinde wabakhuthaza ukuthi basize ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

“Nidlule emakhazeni nakwisimo sezulu esibi ehlane. Ngesikhathi nisezintabeni, nizibambe zaqina ngokumelena nazo zonke izinhlobo zezinselele.

“Njengoba niphila, kumele nisukume nihole umkhankaso wokulwa nazo zonke izinhlobo zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane,” kusho uShongwe.

UMengameli we-Congress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) iNduna uKgoshi Mathupha Mokoena uthe iMpumalanga ibe nesizini yokusoka eyimpumelelo njengoba kunezikole zokusoka ezingu-185.

“Kuyasijabulisa ukubona laba bafana abancane bebuya esikoleni sokusoka bephilile futhi beqinile,” esho.

UMokoena uphinde waveza ukuthi bebesebenzisana kakhulu nodokotela ukuqinisekisa impilo yabafana abancane.

“Okwenze kwaba yimpumelelo lapha eMpumalanga ikakhulukazi e-Bushbuckridge ukuthi sibe nesivumelwano nodokotela, isigungu se-Ingoma, abaholi bomdabu kanye nabazali ukuthi sizosebenzisana kahle siqaphe laba bafana abancane abasokayo,” esho.

“Abaholi bethu bendabuko bebeqaphe ngelokhozi futhi bebethunyelwa ezintabeni nsuku zonke ukuze bayoqinisekisa ukuphepha kwabafana bethu.”

E-Eastern Cape, bangu-11 ababeyosoka abashone ngesikhathi sokusoka ebusika kanti abangaphezu kwekhulu balashelwa izinkinga ezihlobene nokusoka ezibhedlela.

Ngokusho kwa-Cogta esifundazweni, lokhu kwenziwe ukuthi ziningi izikole zokusoka ezingekho emthethweni esifundazweni kunalezo ezisemthethweni.

Izihloko zakamuva