Injabulo abalandeli bebuyela ezinkundla

Dylan Bettencourt

Isikhulu se-Premier Soccer League (iPSL) u-Irvin Khoza ukuqinisekisile ukuthi abalandeli bebhola bangabuyela ezinkundleni ngomhlaka-8 kuMbasa.

“Izinkundla zezemidlalo zizovunyelwa ukuthi zisingathe abantu abangafika ku-50%, inqobo nje uma imigomo yonke ye-Covid-19 izobhekwa ngaso sonke isikhathi,” kusho uKhoza.

Ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezele ngesonto eledlule ukuthi izinkundla zivunyelwe ukuthi zisingathe u-50% wabalandeli, izinhlangano eziphethe ibhola lombhoxo nekhilikithi zimemezele ngokushesha ukuthi abalandeli bazo babuyile.

Ngakolunye uhlangothi i-PSL imemezele ukuthi izoba nomhlangano ngoMsombuluko ukudingida ukuthi kungenzeka yini ukuthi abalandeli bebhola babuyele ezinkundleni.

Kulandela eminye imihlangano ngoLwesibili, i-PSL imemezele ukuthi izinkundla zizophinde zivulelwe abalandeli, uma sebegonywe ngokuphelele noma behlolwe batholakala bengathelelekile nge-Covid-19.

“Ngesikhathi isigungu esiphezulu sihlangana ngoMsombuluko bekumele senze isiqiniseko sokuthi yiziphi izimvume futhi kufanele siqinisekise ukuthi siyahambisana nezidingo maqondana nanoma yimuphi umthetho osebenzayo njengamanje,” kusho uKhoza esithangamini nabezindaba.

Yonke imiqhudelwano ye-PSL izolandela lezi ziqondiso ngaphandle kokukhetha, kuzoqalwa ngeye-Nedbank Cup ezoba ngempelasonto yangomhlaka-8 kuMbasa.

I-Cape Town City ibe yiqembu lokuqala kwiligi ukukhombisa ukujabula ngalesi simemezelo.

“I-City iyakuthokozela ukuqinisekisa ukuthi sizokwamukela ngokuphepha abalandeli enkundleni yezemidlalo i-DHL emdlalweni wethu we-DStv Premiership ne-Royal AM ngomhlaka-16 kuMbasa,” kusho iqembu ku-Twitter.

Kuzobe kungokokuqala ngqa eminyakeni emibili ukuthi abalandeli bebhola bavunyelwe ukubuka umdlalo we-DStv Premiership bukhoma.

Abalandeli bebehambele umdlalo wamanqamu we-MTN8 ngesizini edlule eKapa kanye nowokuhlungela weBafana Bafana ne-Ethiopia ngoMfumfu odlule.

Imiqhudelwano ye-CAF ebiseNingizimu Afrika iphinde yavumela abalandeli ukuthi bangene ezinkundleni ngesikhathi i-Mamelodi Sundowns isekelwa ngabalandeli bayo ibhekene ne-Al Ahly ekunqobeni kwayo kowe-Champions League ngomhlaka-12 kuNdasa.

Abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo ezweni lonke bazosijabulela lesi simemezelo kanye nethuba lokweseka amaqembu abo abawathandayo besenkundleni yezemidlalo.

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva