Injabulo abagibeli baseKapa bezokhokha amanani aphansi ukugibela amabhasi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abagibeli bamabhasi e-MyCiTi eKapa bangalindela ukukhokha imali encane yokugibela kusukela mhla lulunye kuMfumfu.

Isinqumo sikamasipala silandela ukwehla okulandelanayo kwentengo kadizili.

Mhlaka-17 kuMandulo, i-Automobile Association (AA) imemezele ukuthi kuzophinde kwehle intengo kadizili – ukwehla okukhulu ngenani elingaphezu kuka-R1 ilitha – ngoMfumfu.

I-AA ithe ukwehla okulindelekile kungenxa yokwehla kwentengo yamazwe ngamazwe kanye nokusebenza ngamandla kwerandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

URob Quintas, oyilungu lekomidi lemeya eKapa kwezokuthutha emadolobheni, uye ku-X wamemezela ukwehliswa kwemali yokugibela amabhasi.

“Siyajabula ukumemezela ukukhululeka kubagibeli kusukela mhla lulunye kuMfumfu 2024 lapho imali yokugibela i-MyCiTi izokwehla ngenxa yokwehla kwentengo kaphethroli.

“Amanani ahlelwa minyaka yonke kulandela isabelomali saminyaka yonke sikaMasipala; kanti lokhu kumayelana nezindleko zokuhlinzeka ngezidingo onyakeni omusha,” usho kanje.

NgoNtulikazi, izakhamuzi zaseKapa zakhungatheka ngenxa yokwenyuswa kwentengo yamabhasi ngo-5%, kwadingeka ukuthi zikhokhe imali ethe xaxa kwezokuthutha zomphakathi kuyilapho zilwa nokuhlangabezana nezidingo eziyisisekelo.

Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, sezizokhokha kancane.

Abagibeli bamabhasi angaphakathi kwezwe ngeke bajabulele inzuzo efanayo.

Okhulumela idolobha lase-Tshwane uLindela Mashego uthe umasipala awunazo izinhlelo zokwehlisa imali yokugibela, kanti okhulumela amabhasi e-Rea Vaya eGoli uBenny Mokgoga uthe umkhandlu obeka amanani.

“Amanani ethu kade anqunywa onyakeni futhi azobuyekezwa ngonyaka ozayo,” usho kanje.

“Anqunywa minyaka yonke wumkhandlu, hhayi kuphela ngokubheka ukuguquguquka kwentengo kadizili kodwa nezimo ezithinta izakhamizi,” usho kanje.

ULindokuhle Xulu we-Putco uthe ngeke kube nokwehla kwentengo kadizili emalini yokugibela amabhasi emizileni yabo.

“Uphethroli usuguquguquke izikhathi eziningi kulo nyaka, ikakhulukazi ubunyuka kakhulu. Asikawashintshi amanani ethu ukuze sibhekane nesimo,” usho kanje.

Abagibeli bamabhasi kamasipala weTheku bazoqhubeka nokukhokha imali efanayo yokugibela njengoba umkhandlu kamasipala ungakasho ukuthi azokwehla yini amanani.

*Ocwaningweni lwango-2021 kwatholakala ukuthi inyukile imindeni esebenzisa amatekisi (isuka ku-9.8-million yaya ku-11.4-million). Kodwa ukwehla okukhulu kubalwe enanini lemizi esebenzisa amabhasi (okusuka ku-2.9-million kuya ku-2.1-million) kanye nezitimela (kusuka ku-1.4-million kuya ku-0.5-million) njengezindlela zokuthutha ezithandwayo.

*UMnyango wezokuMbiwa phansi kanye naMandla umemezele ukuthi intengo kadizili (0.05% sulphur) izokwehla ngo-79 cents ilitha kuthi udizili (0,005% sulphur) wehle ngo-R1.05 ilitha.

Esithombeni ngenhla: Ibhasi le-MyCiTi eKapa.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva