Injabulo abafundi beyomela elakuleli kowamazwe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abafundi abathathu base-Eastern Cape abakhubazekile bazomela elakuleli emiqhudelwaneni yezemidlalo yamazwe ngamazwe.

USiphesihle Vuyelwa (26) waseMzamomhle Special School e-Kariega, wayengakaze acabange ukuthi ngelinye ilanga uyongenela umqhudelwano wamazwe ngamazwe ngesikhathi efunda ukubhukuda edamini eneminyaka eyishumi.

“Ngijabule kakhulu ngesikhathi kubizwa igama lami njengengxenye yohlu lwabasubathi abazoya e-Germany.”

Khonamanjalo, uNtando Nokama (17) owalahlekelwa imilenze yomibili eneminyaka eyisikhombisa, uzongenela umncintiswano we-wheelchair tennis.

“Ngalimala ngineminyaka eyisikhombisa okwangihlukumeza kakhulu. Ngangingazithandi futhi ngingenakho ukuzithemba kanti  izingane zazingibukela phansi,” kusho uNokama.

Kodwa uNokama uthe waqala ukuzithanda nokuzemukela ngemuva kokuba eqale ukufunda esikoleni sezingane ezikhubazekile. “Ngangidlala ezemidlalo futhi ngazamukela izinselelo zami zomzimba. Ngiyayithanda ithenisi ngoba awudlali neqembu.

“Awusoli muntu uma wehluliwe ngakho kumele usebenze kanzima ukuze uphumelele nami ngifuna ukuphumelela ukuze ngikwazi ukusiza abazali bami.”

Omunye umfundi ozobe eyomela elakuleli uSinothando Adonis onenkinga yokukhubazeka ngokomqondo. 

Unina ka-Adonis, uNosiphiwo uthe ezemidlalo zinike indodakazi yakhe ukuzethemba nokuzimela.

“Ingane yami ikhubazekile ngokomqondo, kodwa yafunda ukuzimela ngezemidlalo.

“Ezemidlalo zimsizile, zimenze wazethemba futhi wafunda nokuxhumana nabantu,” kusho uNosiphiwo.

NgoLwesihlanu, uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape ubambe umcimbi walaba abathathu e-VW People’s Pavilion e-Kariega. UNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade ugcizelele ukubaluleka kokuhlinzeka abafundi ngohambo lokufunda futhi oluzobavulela amanye amathuba.

“Ukuncintisana kwemiphumela ezifundweni kukhinyabeze ukukhula kwabo ngoba wonke umuntu ufuna ukuphasa kakhulu.

“Imfundo ayiqali futhi ayipheli ngokohlelo lokufunda. Iqala ohlelweni lwezifundo nasekuthuthukisweni kwezingane ” kusho uGade.

Isithombe esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade enabafundi abathathu

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva