Injabulo abadlali bebhola besifazane eMelika benyuselwa inkece

Dylan Bettencourt

Kuqopheke umlando ngesikhathi inhlangano eyengamele ibhola eMelika ivumelana ngokukhokhelwa kweqembu labesifazane imali engu-R366 million emkhankasweni walo wokulwela umholo olinganayo nabesilisa.

Ibhola laseMelika liphinde lavuma ukuthi wonke umholo olandelayo uzolingana phakathi kweqembu labesilisa nabesifazane.

Kodwa-ke, ukukhokhwa kuka-R366 million kuyingxenye eyodwa kwezintathu yalokho obekufunwa ngabadlali besifazane njengesinxephezelo.

Le mali izokwabelwa abadlali abebelwela ukulingana kwemiholo kusukela ngonyaka ka-2016.

Samsung Galaxy 14G

Njengesixazululo, i-US Soccer izosungula isikhwama semali esingu-R30 million esizofaka isandla kubadlali ngemuva kokusula kwabo kwezemidlalo. Lesi sikhwama sizophinde sisebenzisane nezinhlangano ukukhulisa ezemidlalo eMelika.

Ukaputeni weqembu uMegan Rapinoe ube ngumdlali omkhulu ekulweleni iholo elilinganayo.

“Isizukulwane sethu sizofika endaweni engcono kwezemidlalo angeke kusafana nesikhathi sakudala.

“Kunjalo nje, ngoba eqinisweni abukho ubulungiswa kukho konke lokhu uma singaqinisekanga ukuthi ngeke kuphinde kwenzeke.”

URapinoe, kanye nabanye besifazane abahlanu baseMelika bamazwe ngamazwe, bafake isikhalazo kwiKhomishini ebizwa nge-Federal Equal Employment Opportunity ngoMbasa wangonyaka ka-2016.

Ngonyaka ka-2019, abadlali bamangalela futhi bafuna ukunxeshezelwa ngomholo wabo ongalingani.

UMengameli webhola laseMelika uCindy Parlow Cone uthe lolu hlelo aluhambanga kahle.

“Bekungeyona inqubo elula ukufinyelela ekuthatheni isinqumo. Okubaluleke kakhulu lapha ukuthi siya phambili, futhi siqhubekela phambili sindawonye,” utshela i-New York Times.

Iqembu lebhola lezinyawo labesifazane laseMelika ngokomlando libe nempumelelo kakhulu kuneqembu labesilisa, linqoba izindebe zomhlaba ezine. Bayiqembu elihamba phambili kumazwe ngamazwe eliphumelele kakhulu ebholeni labesifazane.

Umthombo wesithombe: @TheWashingtonPost

Scrolla World Cup Quiz