Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Inja ebizwa ngoBetty ibongwe njengeqhawe ngumnikazi wayo ngemuva kokuvumbulula isandla somuntu ngoMsombuluko ekuseni.
Ukutholakala kwesandla kudale umkhankaso omkhulu wokusesha nokuhlenga owenziwe i-K-9, kwathi ngoMsombuluko amaphoyisa athola isidumbu sowesilisa osamncane.
Lesi sidumbu ebesingakadalulwa sitholwe emseleni wamanzi omude.
Ilungu lomphakathi libone uBetty egijima ephuma emseleni oseduze nesandla esinqunyiwe.
“Ngiyithole idla iminwe, ngakwazi ukuyenza ukuthi idedele isandla, ngabe sengisikhipha ngaphandle kwesango kude nenja,” kusho ozibonele uBanzi Vilakazi.
Ngokusho kofakazi isandla besibukeka sisisha njengoba besigcwele igazi futhi besingenalo iphunga lokubola.
Ohlala noBetty, uMathew Ntimbane uchaze ukuthi inja yakhe igqashule intambo ngoba ifuna ukudla, kodwa yabuya nesandla.
Ekuqaleni uNtimbane ubecabanga ukuthi uBetty udla izinsalela zesilwane, kodwa wethuka ngesikhathi ethola komakhelwane bakhe ukuthi udla isandla somuntu.
“Inja yami iyiqhawe ngokuvumbulula lokhu,” esho, enezela ngokuthi wabuyisela uBetty emiseleni ukuze afune isidumbu sonke.
“Bengilokhu ngithungatha isidumbu sonke nenja yami uBetty ngingaphumeleli, bengisola ukuthi isidumbu asikude njengoba besilokhu sibuyela emseleni.”
Ezinye izakhamuzi zingenele futhi zaqhubeka nokuhlanza umsele oseduze ombozwe utshani obude, ngesikhathi zisalinde uphiko lwezokutakula i-K-9 ukuthi lufike endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema uConstable Nkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala.
“Isidumbu sisazohlolwa,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Sicela noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela amaphoyisa ekutholeni ukuthi kwenzekeni ngesidumbu noma ongaholela amaphoyisa kubasolwa.”
Esithombeni esingenhla: UBetty nomnikazi wakhe, uMathew Ntimbane
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo