Inja ezinikele ichithe izinsuku eziyisithupha ngaphandle kwesibhedlela ilinde umnikazi wayo ogulayo

Arthur Greene

UBoncuk, inja encane emhlophe, ubeza nsuku zonke izinsuku eziyisithupha ezolinda ngaphandle kwesibhedlela e-Turkey lapho obekulashwa khona umnikazi wakhe.

UBoncuk kuthiwa walandela isithuthi seziguli esathatha umnikazi wakhe uCemal Senturk samyisa esibhedlela esisedolobheni i-Black Sea e-Trabzon mhla zi-14 kuMasingana.

Ubebuya njalo ngokwethembeka nsuku zonke ezomlinda futhi wayekhona ukuzobingelela uSenturk ngenjabulo ngesikhathi ekhishwa esibhedlela ngoLwesithathu olwedlule.

Indodakazi kaSenturk uAynur Egeli, utshele abezindaba be-DHA ukuthi njalo uma ehambisa uBoncuk ekhaya, ubevele abaleke aye esibhedlela.

Ngesikhathi evakashile, uBoncuk wazuza1 uthando lwabasebenzi basesibhedlela, abebemnakekela bemchithisa nesizungu futhi bemphakela ngesikhathi elinde ngaphandle komnyango ongaphambili.

UMuhammet Akdeniz, ongunogada, utshele abezindaba ukuthi, “Ubefika nsuku zonke ngehora le-9: 00 alinde kuze kube sebusuku. Ubengangeni ngaphakathi. Uma kuvuleka umnyango ubelunguza afake ikhanda lakhe ngaphakathi”.

Amakhamera athwebule umzuzu wokuthi ekugcineni uBoncuk noSenturk baphinde bahlangana, ngemuva kokuphuma kwakhe esibhedlela ehamba ngesihlalo samasondo.

“Ungijwayele kakhulu. Futhi bengimkhumbula nami, njalo,” utshele i-DHA ngaphambi kokuba laba abathandana kangaka babuyele ekhaya ndawonye.

Isithombe: The Guardian