INingizimu Afrika izophenduka indawo enodlame uma singaqashwa isimo

Umbono

Lolu daba luqale kanje. Osopolitiki nezishoshovu bavuse inzondo, benza sengathi baqhutshwa ukukhathalela abampofu.

Izakhamuzi ezibuthakathaka ezicindezelwe ukuphila nenhlupheko futhi eziswele imisebenzi bazikhohlisa kalula bazisebenzise ukufeza izinhloso zabo.

Amaqembu aqaphile anamagama abalulekile azithathela umthetho awubeke ezandleni zawo baqale bahlukumeze abanikazi bamabhizinisi nokuyalela abokufika ukuthi bahambe kuleli.

Imiyalezo yenzondo isabalale  ezinkundleni zokuxhumana naku-WhatsApp.

Samsung Galaxy 14G

Amabhizinisi akwamanye amazwe ayahlaselwa, ashiswe futhi acekelwe phansi, bese kuthathwe impahla.

Maduze udlame lobuhlanga oseludlangile luya ngokukhula, lubhekana nalabo abaphila nenhlupheko bakwamanye amazwe ase-Afrika – kanti umbutho wezokuphepha uyazabalaza ukucisha lo mlilo.

Sesike saba lapha ngaphambilini. Ngo-2008, kwabulawa abantu abangu-62 kudlame olukhulu lokucwaswa kwabokufika kuleli.

Ngo-2019 kube khona olunye udlame olwalubhekiswe kwabokufika. Kodwa namuhla sisonqenqemeni lwesimo esiyingozi kakhulu.

Ukungalingani, ukuphila nenhlupheko kanye nokuntuleka kwemisebenzi kuye kwaba kubi kakhulu.

Abantu bafuna umuntu abangamsola. Kodwa ukuhluleka kwethu ukuzama  ukuthuthuka njengesizwe akubangelwa abokufika.

Kubangelwa kakhulu ukubusa okubi kanye nokuntshontsha kwezikhulu zombuso nosopolitiki kanye nobhubhane elihlasele umhlaba wonke olucekele phansi umnotho.

NgeSonto iqeqebana lezinhlangano zomphakathi ezikhathazekile libhale incwadi libhalela iphephandaba i-Daily Maverick, linxusa osopolitiki ukuthi bayeke ukubhebhethekisa umlilo wokucwasa kwabokufika ngezenzo zabo eziphambene nomthetho.

“Ukunganakwa okusobala kwamalungelo abantu bokufika, umthetho kanye noMthethosisekelo into edinga ukungenelelwa ngokushesha ngabomthetho,” baxwayisa ngokudedeleka kwabantu abafuna ukuzithathela umthetho bawubeke ezandleni zabo”.

Yebo, sidinga ukulungisa uhlelo lokufika kwabantu abavela kwamanye amazwe, oluyingxenye lokukhula kwenkohlakalo. Futhi sidinga ukwakha kabusha umthetho; njengoba izwe ngalinye linelungelo lokugada imingcele yalo. Kodwa ngalesi sikhathi esibucayi, ingabe sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukucela osopolitiki bethu ukuthi bayeke ukudlala ngomlilo behlukumeza abokufika futhi badlale ngolaka lwentsha yethu?

Njengabantu abangamele umphakathi, akufanele yini bafune izindlela zokuhlanganisa izikhungo zombuso, amabhizinisi ethu kanye nemiphakathi yethu ukuze bakhulise umnotho, kuvuleke amathuba emisebenzi nabantu bathole ithemba lempilo engcono?

Noma bengangaba nendaba nomlilo ovuthayo ongaqeda lelizwe inqobo nje uma bezohlomula kulokho? Kunokuba kwande amathuba emisebenzi, kodwa okuzokwenzeka ukuthi amabhizinisi azovalwa bese abantu abaningi bazohlala emakhaya ngenxa yokulahlekelwa imisebenzi.

Izwe lonke kanye nezwekazi lase-Afrika liyonikina amakhanda lizibuze ukuthi: Kwenzekeni eNingizimu Afrika?

Scrolla World Cup Quiz