INingizimu Afrika izodinga inhlanhla ukuze ishaye ama-run angu-200

Lucky Sithole

Esinye sezizathu ezenza umdlalo wekhilikithi  wezinsuku ezinhlanu uhehe kangaka kubalandeli ukuthi  umzuzwana owodwa nje wokuthile okwenzeka emdlalweni uvame ukugqama.

Into efana nale yenzeke eKapa ngesikhathi i-India ithola ama-innings esibili emdlalweni wayo wesithathu ibhekene neNingizimu Afrika. Umdlalo ubuhamba kahle nochungechunge belilingana, njengoba womabili amaqembu aseke ayinqoba imdlalo .

UMarco Jansen ubephosa , kanti uCheteshwar Pujara yena ubeshaya. UPujara ushaye ibhola –  kwaphenduka kwaba umzuzu omangalisayo. UKeegan Petersen ulule isandla sakhe kwesokudla, umzimba wakhe kanye nengalo wayilula ngokuphelele, wabamba ibhola ngesandla esisodwa.

Kodwa lo mzuzu omangalisayo kwezemidlalo ungase ube ngowesikhashana njengoba inzuzo yama-innings, yomdlalo kanye nochungechunge ivune  iNingizimu Afrika.

Njengoba kusasele izinsuku ezimbili, iNingizimu Afrika idinga ukushaya ama-run angaphezudlwana kuka-200 umdlalo ungakapheli. Ukuthi iNingizimu Afrika iyawina noma cha, kungaba umzuzu omkhulu kunayo yonke emsebenzini kaPetersen.

Izihloko zakamuva