Everson Luhanga
Izindawo zokungcwaba eNingizimu Afrika yonkana ziphelelwa amabhokisini okungcwaba njengoba izidumbu zinqwabelana ngenxa yesifo se-Covid.
Ezingxoxweni nabangcwabi ezifundazweni eziningi, ubukhulu besimo esibucayi buba sobala ngokwesabekayo.
Ngokusemthethweni, kube nokushona kwabantu abayizi-40,000 ngenxa ye-Covid, kepha ezinye izilinganiso zikubeka ngaphezu kwesibalo esiyi-100,000.
Akuwona nje amabhokisi okungcwabo kuphela:
● Abangcwabi baphelelwa yindawo ebandayo yokugcina izidumbu ngaphambi kokungcwatshwa
● Abangcwabi bafuna izindawo ezintsha zamathuna njengoba lawa akhona egcwalisa
● Izindleko zenqubomgomo yomngcwabo ziyakhuphuka
E-Limpopo
“Ngishayele ucingo esikhathini esingamaviki amathathu ngizokutshela ukuthi siphelelwe amabhokisi okungcwaba,” kusho umnikazi we-MNH Funerals e-Limpopo, eKgaugelo Mapoulo.
“Ngaphambi kwe-Covid-19 ngangingcwaba abantu abahlanu noma abayisithupha ngeviki. Manje ngifihla abantu abaphakathi kwabangama-30 nabangama-50 ngeviki,” uyasho.
Uthe amabhizinisi amakhulu angcwaba abantu abangafika kwabangama-200 ngeviki, kanti futhi asephelelwa nayindawo yesiqandisi yokugcina izidumbu.
E-Free State
UNtamo Monnapule, unobhala we-Free State Funeral Directors Association, uthi sikhulu kakhulu isibalo sabantu abadinga amabhokisi okungcwaba ikakhulukazi e-Mangaung.
“Amathuna agcwele. Amabhokisi okungcwaba ayashoda futhi abantu bashona nsuku zonke,” uyasho.
“Sizohlangana noMasipala wase-Mangaung ukuzama ukuthola indawo entsha yamathuna njengoba endala igcwele.”
Uthi abangcwabi abavela e-Eastern Cape nase-Northern Cape bebefika e-Free State bezothenga amabhokisi okungcwaba.
“Sixwayise amalungu ethu ukuthi athenge amabhokisi amaningi. Kungenzeka singabi nawo amabhokisi emavikini ambalwa ezayo, ”kusho uMonnapule.
E-Mpumalanga Kapa
ULoyiso Singata we-Useata Funerals wase-Alexandria ngase-Port Alfred uthi sebengcwabe abantu abangaphezu kwabayizi-4 000 selokhu le ndawo yabhalisa ukushona kwayo kokuqala ngenxa ye-Covid-19 ngonyaka odlule.
“Amalungu ethu abengcwaba abantu abaphakathi kwabayi-15 kuya kwabangama-20 ngeviki,” kusho uSingata.
USingata uthi kusuka ngoNhlangulana kuya kuNcwaba wangcwaba abantu abangaphezu kwabangama-60.
“Kwakunamaviki lapho engangingcwaba khona abantu nsuku zonke zeviki.
“Bengingena ngiphuma esibhedlela i-Port Alfred njengomuntu ohlanyayo oqoqa izidumbu ezine ngosuku. Kwesinye isikhathi ngangithola izidumbu ephasishi ngoba isibhedlela besiphelelwe yisitoreji. Njengenhlangano iningi lamalungu ethu liphelelwe amabhokisi okungcwaba.”
KwaZulu-Natali
UNobhala-Jikelele we-National Funeral Practitioners of SA (I-Nafupa) uJulie Mbuthuma uthi izingqinamba zabo ezinkulu ukuthola amabhokisi okungcwaba, ukuthola amathuna emadolobheni, kanye nokushoda kwama-PPE.
Uthi abangcwabi abancane base-South Coast bangcwaba abantu abaphakathi kwabahlanu kuya kwabayisishiyagalombili ngeviki kanti abangcwabi abakhulu cishe bangcwaba abantu abangama-20-30 ngeviki.
“Lokhu kungaphezu kokuphindwe izikhathi eziyisishiyagalombili kunomthwalo wethu ovamile womsebenzi,” uyasho.
Usuku lwabo manje luqala ngehora lesithathu ekuseni luphele ngehora le-11 ebusuku.
“Asisenasikhathi nemindeni yethu noma ngisho isikhathi sokuphumula. Sihlale sinokwesaba ukubuyisa leli gciwane emindenini yethu.”
Izindleko zokungcwaba ziyenyuka njengoba imali incipha
Ama-sanitisers, izifonyo, ama-ovaloli namaguzu ngezinye zezindleko abangcwabi okufanele bazengeze esikweletini samakhasimende abo adonsa kanzima okufanele azikhokhe – kepha imindeni eminingi empofu iyekile ukukhokhela izinqubomgomo zayo zomngcwabo ngoba ayinayo imisebenzi futhi ayikho imali.
UThabo Modise wase-Mangaung e-Free State owayesebenza umsebenzi ojwayelekile uthi izinqubomgomo zakhe zomngcwabo bezihamba kahle iminyaka eyishumi kodwa ngoMandulo umphathi wakhe wamtshela ukuthi bephula iholo lakhe futhi uzosebenza kuphela uma bemdinga.
UThabo manje ongasebenzi uthi kwakumele akhethe phakathi kokondla umndeni wakhe noma izinqubomgomo zakhe zomngcwabo.
“Ngakhetha ukondla umndeni wami. Bengingenayo enye indlela,” kusho uThabo.
“Namuhla, akuthina sonke esine zinqubomgomo zomngcwabo futhi akekho osebenzayo.”
UNtamo Monnapule, we-Ntamo Funeral Services, uthi ubenezinqubomgomo zomngcwabo ezingama-500 ezisebenzayo ngaphambi kukaNdasa ngonyaka odlule.
“Manje senginezingaphansi kwezingama-300.
“Amanye amakhasimende angitshela ukuthi ngeke akhokhe kanti amanye ayanyamalala nje.”
UMonnapule uthi abangcwabi baphoqeleke ukuthi banyuse izindleko zenqubomgomo yomngcwabo.
“Silahlekelwe ngozakwethu abaningi njengoba besilanda izidumbu emizini yabantu sabona ukuthi kubalulekile ukuthi sivikelwe kahle. Bekumele sithenge ama-PPE aphelele okusho ukuthi sibiza ikhasimende lethu imali eyizi-R2,000 ngaphezulu,” uyasho.
“Abanye bayakhokha, abanye abakhokhi. Abanye bangene ezikweletini ezinkulu ngenxa yale mali eyengeziwe okufanele sibakhokhise yona ukuze siphephe.”
I-GroundUp ibika ukuthi phakathi komhla zintathu kuNcwaba kowezi-2020 nomhla ziyi-16 kuMasingana ngowezi-2021, ukushona okumangalisayo kweqe isibalo esingama-106,000. Lesi yisilinganiso sombiko wakamuva wokushona kwabantu obikwa yi-Medical Research Council. Lokhu kushona ngokweqile kungenzeka kungenxa ye-Covid.