Dylan Bettencourt
Umqeqeshi ophethe ama-Springboks uJacques Nienaber uveze kancane ukuthi iNingizimu Afrika ingase ibambe imidlalo esele yebhola lomboxo njengoba landa inani labantu abane-Covid-19 e-Australia nase-New Zealand.
Ngemuva kokuba bahlule i-Argentina ngamaphuzu angu-29-10 uNienaber uthe amabhokobhoko asekulungele ukudlala noma ikuphi, waphinde waphakamisa ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukubamba imcintiswano ozobakhona njengoba kune-Covid-19.
Lokhu kuyafana nokwenziwa uLukhanyo ngenkathi ethatha ibhola kumdlali we-Argentina ngenkathi besemgqeni we-try lapho ayivimba khona.
“Lokhu kuzoba yinto enhle esizweni sethu” kusho uNienaber. “sisanda kuhlula i-British ne-Irish lions. INingizimu Afrika ikhombisile ukuthi noma ngabe sibhekene ne-Covid-19, kodwa basakwazi ukumelana nemidlalo emikhulu enjenge-World cup”.
Ngokulandela isimemezelo esenziwe nguhulumeni wendawo wase-Australia, sithi wonke ama-All Black azohoxa kumcintiswano kuze kube baqhamuka nesu lokuhlela kabusha imidlalo yabo.
Seziningi izindlela nemibono esibekiwe njengokususa umcintiswano uyiswe e-Europe lapho kungaqokwa izindawo ezinjengo-Cardiff, i-Dublin, i-London kanye ne-London okungabanjelwa kuzo imicimbi.
Ukaputeni wamabhokobhoko uSiya Kolisa uthe abalazi icebo nekusasa lalomcintiswano.
Umthombo wevidiyo: @https://twitter.com/i/status/1429144077879160845