Iningi labantu abangenamakhaya bageze ngamanzi afudumele eGoli

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iningi labantu abangenamakhaya bame ulayini enkundleni eWembley, eTurffontein, eGoli ngoMgqibelo ukuzogeza ngamanzi afudumele okuyinto abaningi abebengayenzi izinyanga noma iminyaka.

Omahambanendlwana bawuhlelo uhulumeni wesifundazwe sase-Gauteng, lokuhlinzeka ngezindawo zangasese ezihlukene, zabesilisa nabesifazane. Babuye baphenduke izindawo zokuwasha izingubo nsuku zonke ezindaweni ezihlonziwe, okuhlanganisa amapaki, izindawo ezivulekile, nangaphansi kwamabhuloho.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng uMbali Hlophe uthe lolu hlelo luhlose ukunikeza abantu abangenamakhaya isithunzi.

Uthe lolu hlelo luwusizo oseluvele lukhona kwabangenamakhaya, okuhlanganisa nezinsiza ezifana nezindawo zokukhosela nokudla kwansuku zonke.

Owesilisa ongenakhaya ofike wageza, uThabo Seabi uthe ukujabulele ukuthola ithuba lokuzihlanza ngendlela.

Uthe amashawa afudumele awubukhazikhazi kwabangenamakhaya njengoba abaningi bageza ngamanzi abandayo ezindaweni zokukhosela noma bageze ubuso babo nje kuphela ngaphansi kukampompi.

Sekuphele iminyaka emihlanu uSeabi ehlala emigwaqweni ngenxa yezidakamizwa.

“Impilo yasemgwaqweni ayilula, kodwa siyazama ukuphila. Ukudla kwansuku zonke kanye nokwesekwa okuvela emasontweni kanye nama-NGO kwenza kube lula. Ngilinde isikhathi sami sokuya e-rehab (lapho kuhlunyeliswa khona izimilo) ukuze ngiguqule impilo yami,” kusho yena.

UMnuz Sipho Msimango, omunye ongenakhaya nogeze emanzini afudumele, uthe bekuyisu elihle futhi unethemba lokuthi kuzoqhubeka ngemuva kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

“Siphathiswa okwasebukhosini kulezi zinsuku ngenxa yesikhathi sokhetho oselusondele. Osopolitiki bayasivakashela bezonikela ngezingubo zokulala, ukudla nezingubo zokugqoka. Asinaso isiqiniseko sokuthi leli akusilo yini elinye lamaqhinga epolitiki okuthi singene okhethweni,” usho kanje.

Isithombe esingenhla: Abangenamakhaya amageze ngamanzi afudumele.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva