Iningi inzuzo engenziwa emapulazini ngokubambisana

Thabiso Sekhula

Noma ngabe elakuleli lidlule ezinhlungwini ezinjani, kodwa ukubambisana ikona okubalulekile. 

Sekuphele izinsuku ezinhlanu emphakathini wethu ungakaze ucishe ugesi. Sonke sihleli ovalweni lokuthi mhlawumbe maduze kuzosiphinda lokho. 

Singahlala usuku lonke sixoxe ukuthi iphutha likabani, kodwa ukukhombana ngeminwe angeke kusiyise ndawo futhi namanje asike sizibheke ukuthi sikuphi?

Singagxeka u-Eskom ngokucishwa kukagesi futhi sisole inkaba yedolobha labamhlophe ngobubha size sisole i-ANC ngenkohlakalo. Iqiniso lithi ngaphandle kokuthi sonke sibambe iqhaza ekwenzeni izinto zibe ngcono isizukulwane siyohlala esimweni esibi kakhulu uma sisakhombana ngeminwe.

Ngiyavuma ukuthi elakuleli alikaze linikeze abantu abamnyama ubulungiswa ngemuva kobandlululo futhi manje lokho kuholela ekutheni abantu bathi kwakungcono ukuphila ngaphansi kobandlululo. 

Sonke nje sikhalela impilo engcono kukho konke esathenjiswa kona okubukeka kungafiki kuthina sonke, kodwa mhlawumbe sijule kakhulu ekuhlukumezekeni kwethu ukuthi singakhuluma ngobuhlanga ngendlela efanele. Mhlawumbe ukwethenjwa kulahlekile zinhlangothi zonke futhi kusenze sonke sizizwe njengezitha.

Kodwa asikahambi kakhulu isikhathi zisengaguquka izinto.

Ngakho-ke bekungijabulisa ukumenywa edolobheni elincane lase-Modjadjiskloof ngesikhathi abamnyama, abamhlophe, amaNdiya kanye namaKhaladi besebenzela ubulungiswa, kuphinde kwakhiwe ikusasa elisimeme kakhulu lendawo ngezokuvakasha.

Kuyimanje kuvulwa umzila omusha wezokuvakasha kanti imiphakathi yendawo izohlomula. Wonke umuntu uvulelekile ekusebenzeni ndawonye nokulalela umbono omusha ngaphandle kokuzivikela nokucabanga ngenzuzo kuqala.

Ngokuvuma ukuthi abalimi abamhlophe namabhizinisi endaweni banezinsiza ezengeziwe lokhu kuvulela  abaqondisi bezindawo abavakashela izindawo ukuze bakhe ulwazi phakathi kwamapulazi. 

Ngaphezu kwalokho, benza izinsiza zitholakale ukuze kwakhiwe izinhlelo ezisimeme zezokuvakasha eziholwa ngamathalente amnyama ukuze kuzuze zonke izinhlangothi ezithintekayo.

Sinezingane ezifundela ezokuvakasha emakolishi  ezisebenza ezikhungweni eziphezulu hhayi njengabasebenzi basemapulazini, kodwa njengabaxhumanisi futhu abazi i-Instagram. 

I-Instagram ithuluzi lokumaketha elisebenzisa izithombe eziwubukhazikhazi zabantu abagqoke izingubo ezinhle emasimini kakotapheya nasemahlathini ukuheha izivakashi ezivela emhlabeni wonke ukuthi zize.

Ukunikeza izingane zasendaweni amalungelo akhethekile okukhokhisa noma isiphi isamba salokhu kungasiza abanikazi ngemali encane ngokusebenzisa izakhiwo kanye nokungalokothi bakhokhe izimali zendawo  leli ithuluzi elingangenisa imali eningi.

Lokhu kuvumela noma ubani ovela emphakathini onombono okhaliphile ongaletha inzuzo enkulu emphakathini.

Kubukeka kuncane, kodwa ake ucabange ukuthi kufika abantu abangu-50 bekhokha u-R1,500 umuntu ngamunye. Abanikazi bathola u-R250 umuntu ngamunye kanti umlondolozi, oyingane yendawo, uthola esele, awuhlukanise nomuntu othwebulayo izithombe. 

Kuyisinyathelo esiwusizo kakhulu sokuthi umphakathi ungabheka kanjani omunye nomunye nokuthi esikhundleni sokucabanga singazuza kanjani sonke kulokho esinakho okuningi. 

Kungumsebenzi wethu sonke ukuguqula isiphetho sethu, kodwa kusezandleni zalabo abanezinsiza zokulalela ithalente elincane ukuthi singavala kanjani izikhala.

Ziningi izindlela lobu budlelwano obuhle obuphakathi kwemiphakathi namabhizinisi amakhulu obungabonakala ngazo.

Kodwa uma sikhetha ukugoqa izibusiso zethu ngemuva kwezindonga eziphakeme kanye nezithunzi ezinhle ezivala ukunengeka kwethu ngenxa yobumpofu, labo abanokuncane bayohlala bezama ukondla imindeni yabo ngalokho abanakho, futhi ngokuphelelwa ithemba, njengoba abanye bephendukela ezindleleni ezingajabulisi.

Asikwazi ukukhanda izwe, kodwa kumele sifundise abantu abasebancane ngendlela enhle. Kuqala ngokusiza umakhelwane wakho.

Izihloko zakamuva