INigeria izimisele ekunqobeni eye-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ngemuva kokufika e-Ivory Coast ithwele kanzima ngenxa yemiphumela engemihle, i-Nigeria ibukeka izoveza ukuthi abagxeki bayo banephutha.

Bazotholana phezulu ne-Angola emdlalweni womkhumulajezi e-Stade Felix Houphouet-Boigny ngoLwesihlanu.

I-Nigeria ijwayele ukuthathwa njenge zintandokazi ngaphambi kwanoma yimiphi imiqhudelwano emikhulu kodwa kube nzima ngesikhathi iya kowe-Afcon oqhubekayo.

Ukudlala ngokulingana ekhaya emdlalweni ophele zibambene ngo 1-1 ne-Lesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yomhlaba ye-Fifa yanyakenye, ngaphambi kokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Zimbabwe e-Rwanda, kunikeze izinkomba zokuthi ama-Super Eagles ayiqembu elisenkingeni.

Ngemuva kwalokho bashaywe i-Guinea ngo 2-0 emdlalweni wobungani ngaphambi komqhudelwano we-Afcon, abawuqale ngokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Equatorial Guinea.

Lokho kwenze i-Nigeria yabekwa njengelinye iqembu eliyintandokazi kulo mqhudelwano.

Kodwa manje sebengene kuma-quarter-final ngemuva kokuguqisa osokhaya i-Ivory Coast ngo 1-0 ne-Guinea Bissau ngo 1-0 kweminye imidlalo yabo emibili ka-Group A.

Ukukhipha i-Cameroon emzuliswaneni womkhumulajezi kwenze ama-Super Eagles aba phakathi kwamaqembu okuthiwa angase adle umhlanganiso.

“Emdlalweni olandelayo sizimisele ngokunqoba,” kusho umqeqeshi uJosé Peseiro etshela abezindaba.

“Sidinga ukushaya amagoli kodwa lona umqhudelwano onzima. Kusifanele ukufinyelela endaweni yokuqala ngoba ngesikhathi sibhekene ne-Equatorial Guinea sakhe amathuba amaningi kodwa asizange sishaye amagoli. I-Equatorial Guinea ayizange isishaye yadlala ngokulingana nathi.

“Ngijabule ngalokho futhi ngizolinda umdlalo olandelayo. Akulula ukunqoba umdlalo owodwa kulo mqhudelwano. Akulula.”

Manje bazogadulisana ne-Angola edlala kahle. 

Ama-Palancas Negras afinyelele kulesi sigaba somqhudelwano ngemuva kokuqeda eqhwakele phezulu ku-Group D ngokunqoba kabili kanye nokudlala ngokulingana kanye.

Esithombeni esingenhla: Abadlali base-Nigeria. 

Umthombo wesithombe: Super Eagles

Izihloko zakamuva