INigeria inqaba ukuzilolonga ngenxa yamabhonasi

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola labesifazane lase-Nigeria liyenqaba ukuzilolongela umdlalo walo wokuhlungela indawo yesithathu kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngenxa yombango wamabhonasi.

Abadle umhlanganiso amahlandla angu-11 kulo mqhudelwano bebengene kowomkhumulajezi nosokhaya i-Morocco kanti manje sebesalelwe ukulwela indondo yethusi.

Kodwa-ke akekho noyedwa umdlali ofikile ukuzozilolonga njengoba bethi abakakholelwa amabhonasi ka-R150 000 ngokuhlula i-Botswana, i-Burundi kanye ne-Cameroon.

Laba badlali badube ukuzilolonga ngoLwesithathu ebusuku kanti i-Nigeria Football Federation (NFF) iphoqeleke ukuthi iphendule.

“Abadlali banqabile ukuphuma ehhotela labo elise-Casablanca ngenxa yamabhonasi angakakhokhwa,” kusho isikhulu esiphezulu se-NFF sitshela i-BBC Sport Africa.

“Kunenye inkinga yokuthi abadlali abazange bakhokhelwe ngezinsuku ezinhlanu zokuqala zekhempu kanti kuthiwa le mali bebeyilindele kuma-akhawunti wabo asebhange kodwa namanje ayikakangeni.

Kulindeleke ukuthi leli qembu lidudulane ne-Zambia emdlalweni wendondo yethusi ngoLwesihlanu.

I-NFF ike yadonsa kanzima ngezimali phambilini njengoba ithola uxhaso kuhulumeni. Lo mfelandawonye ukhokhele umdlali ngamunye u-R15,000 ukuze akwazi ukukhokhela isibonelelo sakhe sezinsuku eziyishumi.

UMengameli we-NFF, u-Amaju Pinnick, uthe isigungu esilawulayo siyalusukumela lolu daba kodwa sidinga imali kuhulumeni ukuze sikhokhele abadlali.

Umeluleki kaNgqongqoshe wezeMidlalo e-Nigeria uthe iqembu lithole isiqinisekiso sokuthi lizothola inkokhelo.

Kodwa-ke lokhu akukhona okokuqala ama-Super Falcons elwa nokungakhokhelwa ngesikhathi somqhudelwano we-Wafcon.

Umbango wokuqala wenzeka ngo-2004 kuleli ngesikhathi leli qembu liwina isicoco,  kwaphinda kwenzeka ngo-2016 ngesikhathi liwina isicoco sesishiyagalombili.

Ukungakhokhwa kwemiholo namabhonasi kwenza ukuthi leli qembu libe nombhikisho wokungayi ukuyozilolonga ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ye-Fifa ngo-2019 ngemuva kokukhishwa esigabeni sika-16 i-Germany.

Umdlali ngamunye unelungelo lokuthola u-R1,500 nsuku zonke kanjalo no-R45,000 ngokuwina umdlalo ngamunye kanye no-R25,000 ngokudlala ngokulingana emdlalweni ngamunye.

Ngemuva kokubuyekezwa kwenkokhelo yakamuva, iqembu kufanele lithole u-R75,000 ngokuwina kweyomkhumulajezi

Bebezothola u-R90 000 ukube bahlule i-Morocco kowandulela owamanqamu no-R150 000 umuntu ngamunye uma bengaphinde bewine isicoco.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva