Inhlokomo uNhlanhla Lux ededelwa ngebheyili

Everson Luhanga

Amakhulu abalandeli baphume ngothi lwabo bezoseka uNhlanhla Lux Dlamini ongumholi we-Operation Dudula elwisana nabaphuma emazweni angaphandle eNkantolo yeMantshi yase-Roodepoort ngoMsombuluko ekuseni.

ULux udedelwe ngebheyili kaR1500 ngecala lokushaya. Kube nenhlokomo ngesikhathi ededelwa, abalandeli bakhe bamamukela njenge qhawe.

Ngesikhathi abalandeli baLux becula izingoma bedansa ekuseni, bebephethe ibhokisi elinobuso bomholi we-Economic Freedom Fighters (i-EFF) uJulius Malema. Ibhokisi belibhalwe ukuthi “R.I.P Juju”.

Lenhlangani ithi i-EFF iyona eyimbangela yokuthi umholi wayo uLux avalelwe ejele ngempelasonto.

Bekunamaphoyisa amaningi nezinyala nabantu abaningi eduze kwenkantolo.

UVincent Ndima, uMengameli wePhalamende lase-Alexandra ofikile ukuzokweseka uzakwabo, uthe i-Operation Dudula izoqhubeka nokusebenzisana nabalandeli bayo ngaphakathi kwemingcele yomthetho.

“Umthetho usilawula sonke, futhi ngeke sidale isiphithiphithi,” usho kanje.

Uthe ukuboshwa kukaNhlanhla Lux kubangelwe yipolitiki ye-EFF.

“Ibhokisi lisho ukushona kwe-EFF nomholi wayo uJulius ‘Juju’ Malema.”

Abalandeli beqembu lepolitiki i-Patriotic Alliance nabanye abaholi bezinhlangano zase-Soweto njenge-Soweto Tourism bebeseka uLux.

La balandeli basale ngemuva kwezinsimbi ebangeni eliyikhilomitha ukusuka ebhilidini lenkantolo kanti abaholi abaqavile balo mbutho baye bavunyelwa ukusondela eduze.

Abalandeli balindele ukukhululwa kukaLux ukuze akhulume nabo.

Scrolla World Cup Quiz