Inhliziyo kaRasta ibuhlungu ngokungahlangani noChris Brown

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Umculi odabuka eZimbabwe ukhala ngokungamboni nokungamxhawuli uBrown ekhonsathini yakhe ebiseJozi ngempelasonto edlule. 
  • URasta ubenethemba lokuthi uzocela uChris Brown ukuthi axhase ngezimali isikole samaciko amatasa ngokusisungula.

Ngale kokuthi kuphoqeleke ukuthi akhiphe izimali ezishisiwe ukuze adwebe umkhiqizo wokugcina wobuciko womculi  wamazwe ngamazwe we-R&B uChris Brown, u-Rasta owayebukeka edangele kakhulu akakwazanga ukuthola  isikhathi neciko laseMelika.

U-Rasta uphuthelwe yithuba lokudlulisela umsebenzi wakhe wobuciko kulesi sihlabani samazwe ngamazwe se-R&B ngesikhathi sivakashele eNingizimu Afrika.

Ehlome ngomdwebo wakhe lo mdwebi odabuka eZimbabwe owaziwa ngemidwebo edonsa amehlo wajoyina izinkulungwane zabalandeli baseNingizimu Afrika eFNB Stadium eGoli lapho ebenethemba lokunikela ngalo mdwebo.

Ngeshwa – futhi nangokungafani nozakwabo , u-SK Original – akazange anikezwe ithuba lokudlulisela umsebenzi wakhe kuChris Brown noma kubasebenzi bakhe.

Imidwebo ka-Rasta yosaziwayo abangasekho ivamise ukushiya abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana beshaqekile noma bephelelwe amazwi. Unikela ngale misebenzi yobuciko emindenini eshonelwe.

Engxoxweni abe nayo neScroll.Africa uRasta uthe ibuhlungu inhliziyo yakhe ngokuthi akazange ahlangane noChris Brown mathupha.

“Inhloso yami bekuwukumxhawula – lokho bekuzoba yinto enkulu kabi engingasoze ngiyikhohlwe emsebenzini wami.

“Bengihlele nokuthi ngimcele ukuthi axhase i-academy yezobuciko ezosiza ekufukuleni abadwebi besifazane.

“Ngineqeqebana labesifazane abakulangazelele kakhulu ukungena kulo mkhakha njengoba kunzima ukungena embonini egcwele abesilisa.

“Unethonya emhlabeni jikelele, futhi ngenxa yokunaphazwa kwakhe kwakamuva nje kokuthi ependwe njengomhlukumezi, besinethemba lokuthi uzobe ekulungele ukusiza,” esho. 

Wengeze ngokuthi ubona sengathi uzimoshele isikhathi sakhe nemali ngalo mdwebo.

“Kudingeke ukuthi ngithenge ukhanvasi ngosizo lwabanye abadwebi engisebenza nabo. Sisebenzise isikhathi esiningi kwaze kwadingeka ukuthi sengeze isikhathi ukuze umkhiqizo wokugcina uphelele,” usho kanje.

Njengamanje lo mdwebo use-Studio sakhe kanti usenethemba lokuthi ngelinye ilanga uyolithola ithuba lokuwunikeza lo mculi. 

Esithombeni esingenhla: Umdwebi uRasta.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva