Inhlekelele kuphahlazeka indiza yaseRussia

Indiza yamasosha okuthiwa ibithwele iziboshwa zempi zase-Ukraine ezingu-65 iphahlazekile edolobheni lase-Russia, i-Belgorod kwashona wonke umuntu obephakathi.

Le ngozi eyenzeke ngoLwesithathu ekuseni iphawule ukuqala okubi osukwini lwesi-700 lwempi ephakathi kwe-Russia ne-Ukraine.

Izithombe ezinyantisa umzimba zibonise indiza ye-Ilyushin Il-76 iwela esibhakabhakeni futhi iqhuma iba ibhola lomlilo elikhulu.

UMnyango wezokuvikela e-Russia uthe i-Ukraine yiyona edale le nhlekelele, ikubiza ngokuthi “ukuhlasela kwamaphekula”.

Ngale kweziboshwa zempi ezingu-65, kubikwa ukuthi indiza ibithwele abasebenzi abayisithupha nabanye abantu abathathu.

“Indiza icekelwe phansi yibutho lezempi lase-Ukraine endaweni yase-Liptsy, esifundeni sase-Kharkiv lisebenzisa umshini wokujikisa izindiza,” kusho umnyango.

I-Ukraine ayikaqinisekisi noma iphike ukuthi amasosha ayo yiwo abangele lokhu kuhlasela kodwa inxuse abantu ukuthi “bayeke ukusabalalisa imininingwane engaqinisekisiwe”.

I-Russia iqinise ukuhlasela kwayo e-Ukraine emasontweni asanda kwedlula njengoba impi ingakhombisi zimpawu zokwehla.

NgoLwesibili ebusuku okungenani abantu abangu-18 bashonile kwathi abangaphezu kuka-130 balimala ngemuva kokuthi i-Russia ihlasele amadolobha amakhulu ase-Ukraine.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff 

Esithombeni esingenhla: Indiza yase-Russia ebithwele iziboshwa zempi zase-Ukraine ezingu-65 iphahlazekile kwashona wonke umuntu obephakathi.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva