Inhlanzi ishelwe amanzi abe-City Power bengena umnyango nomnyango

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izakhamizi zase-Alexandra kufanele zilindele izivakashi ezingajabulisi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba i-City Power yaseGoli isixwayise ngokuthi izongena umuzi nomuzi ukuze inqamule ugesi kulabo abakweleta le nkampani.

Okhulumela i-City Power, u-Isaac Mangena utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo mkhankaso uzokwenziwa kuzo zonke ezinye izifunda zedolobha.

“Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo izikhulu ze-City Power zizoya e-Alexandra ziyongqongqoza eminyango yamakhasimende angenzi kahle kuma-akhawunti awo,” esho.

Uthe ngeke kube yimizi kuphela okuzongenwa kuyo. Izikhulu zizongena nase mabhilidini amabhizinisi, amabhilidi ezimoto, izikole zikahulumeni kanye nezindawo ezithandwa kakhulu ezigcwele izinyokanyoka futhi seziqalile ukususa izinyokanyoka.

Ezinsukwini ezimbili ezedlule i-City Power ibisemkhankasweni wokunqamula ugesi emabhizinisini abelokhu ehluleka ukukhokha ama-akhawunti awo esiFundeni  sedolobha.

Isiteshi samaphoyisa esidala sase-Alexandra manje esisetshenziswa njengamahhovisi esiteshi besingesinye salezo zindawo ezingenelwe izikhulu sanqanyulelwa ugesi.

UMangena uthe i-City Power inqume ukuthatha izinyathelo ezinqala mayelana nesiko lokungakhokhi ngokunqamula ugesi uma amabhizinisi enqaba ukukhokha.

Uthe i-Alexandra Service Delivery Centre (SDC) ifuna ukubuyisa imali elinganiselwa ku-R36 million eyikweleta i-City Power.

“Imali ekweletwa i-City Power ingu-R4 billion edolobheni lonke laseGoli.

“I-Alexandra Service Delivery Centre ikweletwa i-City Power u-R363 million ngakho ikhipha imali encane kakhulu,” kusho uMangena.

Uthe lo mkhankaso uhlose ukuthuthukisa ukusebenza kwenzuzo kanye nesimo se-City Power ukuze iqhubeke nokugcina ingqalasizinda yayo kanye nokuhlinzeka ngezidingo ezibalulekile kwizakamizi zaseGoli.

Wengeze ngokuthi amabhizinisi akweletayo anikwa izincwadi zokuthi azonqanyulelwa ugesi ezinyangeni ezedlule kodwa ahlulekile ukwenza izinhlelo zokukhokha. Kuhlanganisa amagalaji kaphethiloli, izikhungo zikahulumeni, izinkampani ezikhiqizayo, izikhungo zikahulumeni zokufunda nezindawo zokukhonzela.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso amanye amabhizinisi atholwe enogesi orojiwe kanti amanye ebengabhalisiwe kwigridi ye-City Power noma ohlelweni lokukhokha.

Amanye amabhizinisi ezwa ngalo mkhankaso aphuthuma ukuyolungisa ama-akhawunti awo. Isikhungo sezemfundo sikhokhe isikweletu saso sika-R900,000, kodwa ngesikhathi sifika ochwepheshe bathole ukuthi isiteshi sabo esincane sicekelwe phansi ezinsukwini ezimbalwa ezedlule nokuthi kuntshontshwe amakhebuli kulesi sikhungo.

“Sinxusa amakhasimende ikakhulukazi amabhizinisi ukuthi eze kithi azokhokha izikweletu zawo noma enze amalungiselelo ngaphambi kokuthi siye kuwo.”

Esithombeni esingenhla: Izikhulu ze-City Power zinqamula ugesi wamabhizinisi akweletayo.

Umthombo wesithombe: City Power / Isaac Mangena

Izihloko zakamuva