Inhlanzi eshelwa amanzi kwiDudula

Everson Luhanga

Abantu bendawo kanye namaphoyisa bajikele i-Alexandra Dudula Movement ngeSonto ebusuku.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi amalungu ayo angu-14 eboshwa ngemuva kochungechunge lokuhlaselwa kwabantu bendawo kanye nabaphuma emazweni angaphandle kuleli lokishi.

Umholi weqembu elimelene nabaphuma emazweni angaphandle, uSimon “Msayza” Rati, ungomunye wabangu-14 ababoshwe ngamaphoyisa akwa-SAPS ngesikhathi eboshelwa udlame emphakathini ngemuva kokuthi aye esiteshini samaphoyisa e-Alexandra eyovula icala lokushaya.

Ngosuku olulandelayo, ukuwa kwale nhlangano kube kubi kakhulu ngesikhathi okhulumela le nhlangano “ngokusemthethweni”, u-Agnes Malatjie, ememezele ukuthi uyasula esikhundleni.

URati uye esiteshini samaphoyisa ngemuva kokuhlaselwa yiqulu lezakhamizi ebelithukuthele ligane unwabu e-Tsusumane e-Alexandra, e-Extension 7, 8, 9, kanye neyeshumi. Lezi zindawo bezilokhu ziyizizinda zamalunga e-Dudula Movement, osekuphele izinyanga exosha abaphuma emazweni angaphandle kanye nabantu bakuleli ngokubaxosha ezindlini zabo zomxhaso.

Kwenye indawo ngeSonto ebusuku, iqulu lamalungu e-Dudula Movement libambe wonke umndeni, laphihliza amafasitela omuzi wawo ngesikhathi libasabisa ngokubakhipha endlini.

Isimo sifinyelele esiphethweni ngesikhathi abasolwa bebaleka uma bezwa ukuthi amaphoyisa asendleleni.

Lo mndeni ubungewona owabaphuma emazweni angaphandle, kodwa bekungowaseNingizimu Afrika – kanti lokhu bekungekhona okokuqala amalungu e-Dudula Movement ehlasela abantu baseNingizimu Afrika. 

Leli qembu lezigebengu kuthiwa belisebenza ngokukhipha abantu ezindlini zabo, noma abathengisi ezitolo zabo, liphinde likhokhise irenti abantu ababafaka ezindaweni zabo.

Benze umehluko omncane kulabo abafike kuleli ngokusemthethweni nalabo abangagunyaziwe ukuba kuleli naphakathi kwabantu baseNingizimu Afrika kanye nabaphuma emazweni angaphandle.

“Abanye abantu abahlukunyezwayo abasibona abaphuma emazweni angaphandle njengoba amalungu e-Dudula Movement ethi asuke ebhekise kwabaphuma emazweni angaphandle,” kusho esinye isakhamuzi sakule ndawo.

“Ngisho nabantu baseNingizimu Afrika bayabuzwa ubuhlungu bokukhishwa ezindlini zabo asebehlale kuzo iminyaka eminingi.”

Uthe lawa amadoda aqhutshwa umhobholo futhi ayizigebengu nje.

“Baningi abantu abahola leli qembu kanti uma sebethole izindlu bayalishiya iqembu badedele abaphuma emazweni angaphandle ukuthi bahlale bese bebakhokhisa irenti,” esho.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe abantu abangu-13 ngeSonto, oyedwa ngoMsombuluko kanti babhekene namacala okucekela phansi impahla, ukukhipha abantu ezindlini ngokungemthetho kanye namanye.

ULieutenant Colonel Masondo uthe kujutshwe amaphoyisa engeziwe ngoMsombuluko ukuze aqaphe isimo.

Kusukela ngoNhlolanja, le Nhlangano idale uthuthuva ngokuhlakaza nokushisa izitolo zabaphuma emazweni angaphandle, ixoshe imindeni ezindlini zayo futhi iphinde yafuna nokuthi abantu babakhombise omazisi.

Kodwa njengoba umholi wayo uRati esezitokisini zamaphoyisa kanye noMalatjie esula esikhundleni, lokhu kungase kube ukuphela kwe-Dudula Movement e-Alexandra.

Scrolla World Cup Quiz