
Menzi Magubane
IBanyana Banyana isisalelwe umdlalo owodwa ukuthi ingene kwi-Africa Women’s Cup of Nations yango-2022 ezoba e-Morocco ngoNtulikazi.
Iqembu lomqeqeshi uDesiree Ellis lihlule i-Algeria ngo 2-0 emlenzeni wokuqala wokuhlungela iNdebe enkundleni yezemidlalo i-Orlando ngoLwesihlanu.
Emdlalweni wayo olandelayo ozoba ngoLwesithathu, iBanyana ayidingi lutho ngaphandle kokuthi idlale ngokulingana ukuze ihlungele iNdebe uma ivakashela i-Algeria emdlalweni womlenze wesibili.
IBanyana idlale kahle emlenzeni wokuqala, kodwa ukuwina ngo 2-0 kungenzeka ukuthi akwanele uma isibhekene neqembu lase-Algeria elinenkani.
IBanyana kuzomele ibe sesimeni esihle uma laba bobabili sebehlangana e-Algiers.
“Bekufanele nakanjani sishaye amagoli amaningi. Bekumele sizimisele futhi sihlanganise kahle ebhokisini, ukuze sizibeke ethubeni elingcono lokushaya amagoli,” kusho u-Ellis.
IBanyana igcine ukubonakala kwi-Women’s Afcon ngesikhathi iphuma isibili ngo-2018. Lesi kwaba isikhathi sokugcina okwabanjwa ngaso lo mqhudelwano. Bekumele ubanjwe ngo-2021 kodwa wahlehliswa ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19.
Kulindeleke ukuthi umqhudelwano we-Women’s Afcon uqale ngomhlaka-2 kuNtulikazi uze uphele ngomhlaka-23 kuNtulikazi.
U-Ellis uzobe enethemba lokuthi umgadli wakhe ovelele uThembi Kgatlana uzophumelela e-Algeria. Lo mgadli ozinze e-Spain, e-Atletico Madrid ushaye igoli eliwinise leli qembu ngoLwesihlanu.
NgoLwesithathu, lo mgadli uzobe ebhekwe ngabomvu kanti kulindeleke ukuthi ashaye amagoli.
Umthombo wesithombe: @SasolLeague