Inhlansi yethemba kumaProteas 

Lubhalwe nguLucky Maree

Umdlalo wesithathu ophazamiswe imvula obuphakathi kwelakuleli ne-Australia ububonakala ukuthi uzophela la maqembu amabili edlale ngokulingana.

Kodwa ama-Aussies akwenze konke yize abesevele ewine umdlalo ngo 2-0 ngesikhathi ama-Proteas ephinda eqhubeka nokubhekana nenselelo.

Ngesikhathi sekhefu kusasele ama-overs angu-39 ngosuku lwesihlanu, i-Australia ibisadinga amawikhethi ayisishiyagalolunye ukuze iwine umdlalo futhi kubonakale kuyinselelo kwi-Australia.

Phambilini ekuseni, uKeshav Maharaj noSimon Harmer bakhombise isibindi ngesikhathi  begwema elakuleli ngendlela emangalisayo ekutheni bengashayi ibhola futhi. Ukuphoqa i-Australia ukuthi iphinde ishaye bekuzovele kwenze ukuthi i-Australia ingawini ngaleso sikhathi, kodwa lokho akwenzekanga. Elakuleli belivele linamabhola angu-255 kanti i-Australia isebenzise lokho yenza ukuthi amaProteas ashaye futhi.

UDean Elgar wenze ama-runs ayishumi, waphinde wabanjwa ngemuva ebholeni elikhuphukayo likaJosh Hazelwood okushiye i-Australia idinga amawikhethi ayisishiyagalolunye kwiseshini eyodwa.

Ngesikhathi ama-run engasabalulekile futhi nokushaya amagoli kwehle kakhulu kuzwakale wonke umuntu ememeza.

UHeinrich Klaasen unikele nge-wicket yakhe ngama-runs angu-35 ngemuva kokudlala kabi enamabhola angu-86. Cishe wenze okwanele ukukholisa ngisho ama-Aussies ukuthi ngeke esakwazi ukuwina lo mdlalo.

Kuwubufakazi obudabukisayo bekhilikithi yakuleli ukuthi sizizwa sengathi sibungaza ukudlala ngokulingana.

Iqiniso ukuthi ezinsukwini ezinhlanu ezedlule isimo sezulu kuphela nokudlala kwedlanzana labadlali bakuleli okusindise amaProteas ekutheni ahlulwe.

UTemba Bavuma wenze kahle ngokushaya kwakhe amabhola angu-65 kuma-innings wokuqala konakaliswe ubudedengu obumenze waphuma enkundleni. UKeshav Maharaj noSimon Harmer babonisile ukuthi isimo sengqondo esihle singawenza kanjani umehluko.

AmaProteas anomsebenzi omkhulu okufanele awenze – uma ekubona kufanele lokho.

Umdlalo wesithathu. I-Australia  ibhekane neNingizimu Afrika enkundleni yezemidlalo yekhilikhithi i-Sydney. La maqembu adlale ngokulingana.

Ama-innings okuqala:

I-Australia angu-475 ngesikhathi

iNingizimu Afrika ithola angu-255

Ama-innings esibili:

INingizimu Afrika angu-106 kwamabili

Abashayi magoli abahamba phambili eNingizimu Afrika: USarel Erwee angu-42, uHeinrich Klaasen angu-35.

Abathathe amawikhethi base-Australia: UJosh Hazelwood uthathe eyodwa kanye noPat Cummins othathe eyodwa

Esithombeni esingenhla: Ama-Aussies ejabula ngesikhathi uDean Algar ephuma enkundleni.

Umthombo wesithombe: Getty Images.

Izihloko zakamuva