Inhlangano yamatekisi isize amamodeli asemancane ukuthi ayoncintisana kowonobuhle eBotswana

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Inhlangano yamatekisi iCape Amalgamated Taxi Association (Cata) eKapa inikele kumantombazane amathathu asemancane u-R30 000 ukuze aye eBotswana ayoqhudelana nabanye onobuhle kuMiss Born a Star Africa. 

Intombazane ngayinye ithole u-R10 000 ngemuva kokuthi ecele usizo kwiCata ukuze bahambele umcimbi.

Imali izokhokhela izindleko zabo zehhotela nezokuhamba.

ULisakhanya Masika (17) wasePhilippi ubhalele iCata incwadi ecela usizo.

“Uma ngikhuluma iqiniso bengibhala nje ngingathembi,” kusho yena.

“Kuningi okubi engikuzwile ngemboni yamatekisi futhi bengingazi ukuthi banohlangothi oluhle, ngibone ngoba sengicela usizo. Ngibonga kakhulu ngabakwenzile. Ngaphandle kwabo, lolu hambo belungeke lube khona,” kusho uMasika.

USonwabise Ngcwangu (16) wase-Old Crossroads naye uthole usizo.

“Ngaya ehhovisi likasoseshini nomama. Bacela ukuthi sibhale incwadi, sakwenza lokho, base benikela ngemali,” kusho uNgcwangu.

“Ngizobe ngiqala ngqa ukundiza ngaphandle kwaseNingizimu Afrika, futhi ngenxa yeCata sizohamba. Siyathembisa ukuthi sizokwenza izwe liziqhenye.”

Unina, uNksz Nokulunga Ngcwangu, uthe bebengazi ukuthi bazolutholaphi usizo, kodwa ukwesekwa yiCata kushintshe umbono wabo ngemboni yamatekisi.

“Ukuza lapha bekungelula ngenxa yezinto ezimbi esizizwile ngemboni yamatekisi, kodwa sibonga kakhulu ngosizo lwabo. Izingane zethu sezingakwazi ukumela izwe,” kusho yena.

UMnuz Mnikeli Mgophe, oyiPhini likaSihlalo wokuqala weCata, uthe ukusiza umphakathi yinto abahlale beyenza.

“Abantu abaningi abazi ukuthi siyabuyisela (emphakathini). Bagxila kuphela ezintweni ezimbi ngathi. Asikwazanga ukuvumela la mantombazane asemancane aphuthelwe yileli thuba,” kusho uMgophe.

“Ukubona amantombazane amancane enza izinto ezinhle kusenza siziqhenye. Bangaba yisibonelo esihle kontanga yabo, futhi sizoqhubeka nokubasekela.”

Osemusha wesithathu uzolanda umnikelo wakhe kamuva. Lo mqhudelwano uzoba ngomhlaka-28 kuMandulo.

Esithombeni esingenhla: ICata eKapa inikele ngo-R30,000 kumantombazane amathathu azoya eBotswana. 

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva