Inhlangano yamatekisi ikhiphe u-R10k ukusiza umndeni oshelwe indlu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Inhlangano yamatekisi iCape Organisation for the Democratic Taxi Association (Codeta) inikele ngo-R10 000 emndenini wakwaPhenduka eMandela Park, eKhayelitsha, ngemuva kokusha komuzi wawo onamagumbi amane ngesonto eledlule.

Umndeni usola ukuthi umlilo uqale ngesikhathi umfowabo onenkinga yezidakamizwa ezumeka ebhema noma eshisa okuthize.

Umengameli weCodeta uFikile George uthe usoseshini awukwazi ukuziba isidingo somndeni esisukela osizini. 

“Abaholi bomphakathi basicela ukuthi sisize ekwakheni kabusha umuzi. Sikholelwa ukuthi uma umuntu eza kithi ekhala, akumele aphinde emuva ekhala, yingakho sisukumele phezulu,” kusho uGeorge.

Akukhona okokuqala i-Codeta isekela imiphakathi yasendaweni. 

“Abantu bavame ukugxila ezintweni ezimbi kuphela embonini yamatekisi, kodwa besilokhu sisiza umphakathi njalo. Ngenyanga edlule sinikele ngo-R5 000 entombazaneni eya eBotswana emcimbini wokumodela,” usho kanje.

UNomahlubi Phenduka oyilungu lomndeni uthe: “Ngithuke ngangazi ukuthi ngizothini ngesikhathi ngizwa ngalo mnikelo. Bengingakulindele lokhu kusoseshini,” kusho yena. 

Umndeni uhlela ukusebenzisa le mali ukwakha kabusha umuzi wawo.

UPhenduka naye ukhulume ngokwesaba ngemuva komlilo.

“Namanje ngisaba nokulala ngicabanga ukuthi sicishe safa. Kudingeke siphume ngefasitela. Ngithandazela iminikelo eyengeziwe ukuze sakhe kabusha futhi sibuyisele ifenisha yethu elahlekile,” kungeza yena.

Ikhansela lewadi uMnuz Mthwalo Mkutswana ubonge usizo abaluthole kuCodeta. 

“Ngijabule ngomndeni manje sebengaqala bakhe kabusha,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Inhlangano yamatekisi iCape Organisation for the Democratic Taxi Association enikele ngo-R10 000 emndenini osanda kulahlekelwa yindlu ngenxa yomlilo.  

Umthombo: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva