Inhlangano yabashayisibhakela kuleli ilungiselela ukuya e-Paris ngowe-2024

Linda Ximba

USiyabulela Mkwalo, onguMengameli wenhlangano yomdlalo wesibhakela kazwelonke yaseNingizimu Afrika.(i-SANABO), unesiqiniseko sokuthi bahlanganise ithimba elinamandla elizokwazi ukuqhudelana kahle namanye amazwe njengoba kuseza amathonamenti. 

UMkwalo, uthe ubejabulile ngendlela izinto ezenzeke ngakhona kumqhudelwano we-National Youth kanye nowe-Elite National obubanjelwe e-Western Cape. 

Lo mqhudelwano uphele ngegiya eliphezulu elingajwayelekile ngeSonto.

Abashayi besibhakela abayi-12, abesilisa kanye nabesifazane, bawine izindondo zegolide futhi bangene eqenjini laseNingizimu Afrika lama-olimpiki elizoqhudelana ku-Region 5 Games okulindeleke udlalwe e-Maseru esifundazweni sase-Lesotho ngoZibandlela. 

Sijabulile ngokuzibonela ompetha nokudlala ngokuzimisela kwabadlali bethu besibhakela,” kusho uMkwalo echaza indlela abejabule ngayo. 

“Kusukela ngensimbi yokuqala bekukhombisa ukuthi abashayi besibhakela badlala ngokuzikhandla nangokuzimisela eNingizimu Afrika. Njengoba iqembu lizobheka e-Maseru lizothola amandla njengoba lisazoya e-England ngonyaka ozayo emdlalweni we-Commonwealth. 

Uthe ukholelwa ukuthi banabadlali abanamandla abaphinde bazimisele ukuze benze iNingizimu afrika iziqhenye ngabo uma sekuza ama-olimpiki. 

Abashayi besibhakela bazofakwa ohlelweni oluseqopheleni eluphezulu ukuze kube nesiqiniseko sokuthi bakulungele ukungena kumncintiswano wamazwe omhlaba. 

Owesifazane ongumdlali wesibhakela uLethokuhle Sibisi oqhamuka e-Umzinyathi kwaZulu-Natali uqokwe njengomdlali wesibhakela oseqopheleni eliphezulu. 

Abanye abawine kule thonamenti

Uhlu le-Elite labesifazane abathole indondo zegolide: uThabile Zulu, uPhilile Ndelu, uThando Mathiba, uNombulelo Radebe, uLethokuhle Sibisi, kanye no-Phiwokuhle Mnguni.

I-Youth Gold Medalists: uKholeka Gumede, uThanduxolo Ngobese uNtando Msweli, uSphile Vilana kanye noSnezelo Mbath 

Izihloko zakamuva