Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni jikelele ilindeleke ukuba ihlole indlela yayo entsha yokubheka ama-offside

Dylan Bettencourt

Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni i-FIFA, kulindeleke ukuthi ihlole ubuchwepheshe bayo be-offside semi-automated kwindebe ye-Arabic e-Qatar.

Ukuveza ama-offside yisona sinqumo esinzima okufanele sithathwe abaphathi emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo futhi ubuchwepheshe obusha buzosusa isisindo emahlombe abaphathi. Izohlinzeka ngokulandelelwa kwezitho kanye nevidiyo kanompempe (i-VAR) ngolwazi ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo enkundleni.

Umqondisi we-Football Technology and Innovation we-FIFA uJohannes Holzmueller, esitatimendeni uthe imininingwane yokulandela izitho zomzimba ezivela ku-VAR izothunyelwa emagumbini okusebenza lapho kubhekwa khona umugqa we-offside kanye nendawo yokukhahlela bese ithunyelwa kumhlaziyi ozobheka ngokuphindaphindiwe ividiyo cishe ngaphambi kokuba kuqhubeke umdlalo.

Isikhulu esizobheka le vidiyo sizokwazi ukukhombisa siphinde sishaye ucingo ngokushesha esiteshini esiseduze esizinikele ukuze abaphathi bathathe isinqumo ngaphambi kokuba kuqhubeke umdlalo.

Isikhulu se-FIFA sokuthuthukisa ibhola emhlabeni kanye nowayengumphathi we-Arsenal u-Arsene Wenger, uthe unethemba lokuthi lobu buchwepheshe bungasetshenziswa kwindebe yomhlaba ezoba se-Qatar ngonyaka ozayo.

Isikhulu sonompempe be-FIFA uPierluigi Collina uyavuma ukuthi kumele kube nezinguquko mayelana nomthetho we-offside.

“I-VAR ibe nomthelela omuhle ebholeni futhi isibalo samaphutha amakhulu sinciphile, kodwa kukhona lapho singathuthukiswa khona futhi i-offside ingenye yakho,” kusho uCollina etshela i-BBC.

Uqhube wathi le nhlangano iyazi ukuthi ukuveza i-offside kuvamise ukuthatha isikhathi eside kunezinye, ikakhulukazi uma izingcingo zicinene.

Umqhudelwano wokuqala wendebe ye-Arabic engamelwe yi-FIFA oqale ngoLwesibili, ungenelwe amaqembu esizwe ayi-16  ahamba phambili e-Union of Arab Football Associations. Le midlalo izosingathwa i-Qatar ukulungiselela indebe yomhlaba ngonyaka ozayo.

Umthombo wesithombe: @USSoccerPlayers

Izihloko zakamuva