Inhlangano esiza umphakathi ilethe injabulo kubafundi ngokunikela ngezicathulo zesikole

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

  • Inhlangano yendawo inikele ngezicathulo ezinganeni zesikole zaseKhayelitsha eziyikhulu futhi inezinhlelo zokusiza izingane eNingizimu Afrika yonkana.
  • I-Bikers’ Club ijoyine umzamo wokuqinisekisa ukuthi ayikho ingane eya esikoleni ngaphandle kwezicathulo ezifanele.

Izingane ezingaphezu kwekhulu eKhayelitsha zithole izicathulo zesikole ezintsha ngenxa yenhlangano esiza umphakathi yasendaweni efuna ukubuyisa isithunzi sazo.

Inhlangano iStemele Foundation isinikele ngezicathulo kubafundi bezikole ezahlukene eziselokishini laseKapa.

Ugogo uBuyiswa Hoyi(65), uthe lo mnikelo usho lukhulu emindenini edonsa kanzima.

“Egameni labazali siyabonga, iningi lethu lidonsa kanzima sithembele emalini yesibonelelo sikahulumeni enganele ukuthenga yonke into,” kusho uHoyi.

Umqondisi weNhlangano uThulani Stemele uthe bahlela ukusiza izingane eNingizimu Afrika yonkana. 

“Asikwenzi lokhu eKapa kuphela ngoba siyaqonda ukuthi ziningi izingane eziphuma kwezinye izifundazwe ezidinga usizo lwethu, sizokwenza kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye,” kusho uStemele.

Ukholelwa ukuthi abazali abaningi bachitha imali eningi bethenga izinto zikanokusho esikhundleni sezidingo zesikole.

“Thina singabazali kumele sibeke phambili imfundo kunokuphila impilo kanokusho, abazali bagxile kakhulu endleleni yokuphila, imfundo kufanele ihambe phambili; uma abazali bekwazi ukuthenga amateku abiza u-R2 500 ngoZibandlela kumele baqinisekise ukuthi bathenga nomfaniswano wesikole okuhlanganisa nezicathulo,” kusho uStemele.

Inhlangano ithole usizo ekilabhini yendawo yabagibeli bamabhayisikili iKasi Riders. Umengameli weqembu uSamuel Simons uthe baqale ukwenza umsebenzi wokunikela ukuze banikeze iqembu inhloso yokugibela kwabo.

“Ngemuva kokusungula iqembu, besifuna ukuba nenjongo engcono ngeqembu lethu, yingakho siqale ukwenza umsebenzi wokusiza umphakathi, ukuhlanganyela nokubuyisela emphakathini oswele ngempela,” kusho uSimons.

Esithombeni esingenhla: I-Stemele Foundation inikele ngezicathulo zesikole ezingaphezu kwekhulu kubafundi bezikole ezahlukene elokishini laseKhayelitsha, eKapa.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva