Inhlangano eqapha ubugebengu emphakathini isolwa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane

Celani Sikhakhane

Inhlangano eqapha ubugebengu emphakathini, iSikebhe, enyakatho yeKwaZulu-Natali isolwa ngokuhlukumeza abesifazane abaningi ebasola ngokweba.

Leli qembu lasungulwa ukulwa nokwebiwa kwemfuyo ezindaweni eziningi zaKwaZulu-Natali, kodwa kwaNongoma ukusebenza kwalo sekususe ulaka emphakathini yendawo.

Omunye ongathandanga ukudalulwa igama uthe le nhlangano ibishaya abasolwa besilisa kuphela, kodwa manje sebeshaya nabasolwa besifazane ngamacala obugebengu.

Inkinga ukuthi abayi ngisho emaphoyiseni bayovula amacala, bavele bakulande ekhaya bakushaye bungekho ubufakazi,” kusho umthombo.

Uthe ngoMandulo ngonyaka odlule omunye umuntu wabulawa iqulu labantu ngenkathi liphoqa ukungena emzini wowesifazane owayesolwa ngokweba izingubo maqede lamthumba.

“Lowo wesifazane walandwa emzini wakhe yiqulu labesilisa abebehamba nowesifazane, bamyisa ehlathini eliseduze lapho abafike bamshayela khona.”

Uthe amalungu omphakathi azama ukungenelela, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.

“Kwaqhuma isibhamu kwashona ilungu lomphakathi elilodwa. Lento yenzeke ngoMandulo kulo nyaka,” esho.

Ngesonto eledlule owesilisa osolwa ngokweba izimbuzi uthunjiwe watholwa ehlathini eshaywe kanzima.

Umholi weSkebhe uJoseph Manyathi utshele i-Scroll.Africa ukuthi akafuni ukukhuluma ngezehlakalo zokugada abantu.

Washo nokuthi amalungu omphakathi asebenza kanzima ukuthi angavumela izigebengu ukuthi zizithathele futhi zikhululeke.

“Okubuhlungu kakhulu ukuthi akekho umuntu owake wasincoma ngomsebenzi omuhle esiwenzile ukulwa nezigameko zobugebengu,” kuqhuba uManyathi. “Esikutholayo ukugxekwa nokuthukwa.”

UManyathi uthe iSkebhe asikaze siphule umthetho, unxusa labo ababanjwa yile nhlangano ukuthi baye emaphoyiseni.

“Ngihlezi ngiluleka izisulu zeSikebhe ukuthi zibike emaphoyiseni ngoba ukusebenza kwethu kuhambisana nomthetho,” esho.

Ukuphikile ukuthi amalungu abesilisa kule nhlangano abophe abasolwa besifazane futhi abashaya njengesijeziso.

Uthe abavumeli abesilisa ukuthi bashushise abesifazane, futhi amalungu wesifazane kuphela aleli qembu avunyelwe ukubashushisa.

Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi eKZN, uThuba Vilane, uthe izinhlangano eziqapha ubugebengu zihlezi zilulekwa ukuthi zibike abasolwa emaphoyiseni futhi zigweme ukuzithathela umthetho ngezandla.

Izihloko zakamuva