Moyahabo Mabeba
Kutholakale indawo yezidakamizwa ngaphandle kwase-Polokwane e-Limpopo. Lapho kutholwe nezingane ezineminyaka cishe eyi-11 zibhema izidakamizwa.
Le ndawo yezidakamizwa yavulwa ezakhiweni ezindala zikamaspala, lapho izigebengu ziyenga khona izingane zamantombazane ezincane bayozidayisa.
NgoLwesihlanu, umphakathi wase-Seshego ongahambisani nobugebengu (i-Scagac) kanye nenhlangano yamatekisi bangene kulesi sakhiwo esinezidakamizwa, lapho abathole khona cishe abafana abancane abangama-40 kanye namantombazane asemancane abasolwa ngokuthi badla isidakamizwa esibizwa nge-nyaope.
Intombazane esencane eneminyaka eyi-14 kanye nomfowabo oneminyaka eyi-16, ababaleka ekhaya labo elise-Frora Park suburb, bangabanye abatholwe kule ndawo.
Umama wabo, esingeke silidalule igama lakhe ngenxa yokuvikela abantwana, uthe izingane zakhe zijwayele ukubaleka ekhaya, kodwa kwesinye isikhathi ziyabuya ngemuva kwamasonto amabili.
“Uthe abantwana bakhe banomqondo wokubaleka ekhaya baphinde babuye sebengcolile benuka,” kusho umama wabo. “Sebayeka nesikole.
“Ngake ngakhuluma nabasebenzi bezenhlalakahle ukuze bakwazi ukukhuluma nabo ngethemba lokuthi mhlawumbe babezolalela, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Njengoba manje sengazi ukuthi badla izidakamizwa, sengivele ngaba nengcindezi enkulu.”
Usihlalo we-Scagac uVincent Kunutu uthe bathuke kakhulu ngesikhathi bethola abantwana.
“Ngemuva kokulunywa indlebe ngale ndawo, sithathe isinqumo sokuba siye kuyo,” kusho uKunutu.
“Ngesikhathi sifika sifice izingane ezincane ebezibonakala ukuthi zibanjwe izidakamizwa.
“Abantwana esibaficile badinga usizo kwabezenhlalakahle kanye nabaphilisa ngokomoya.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe sebebophe abantu ababili ngokusebenzisa izinto ezingekho emthethweni. Abasolwa bazovela enkantolo yemantshi ngoLwesibili mhla zi-5 kuMfumfu.
“Sinxusa umphakathi ukuba usebenzisane nathi ukuze sibambe ungqondongqondo ongemuva kwalezi zidakamizwa,” kusho uMojapelo.
UWitness Tiya okhulumela umnyango wesifundazwe esimele intuthuko yezenhlalakahle, uthe wamukele ukubhekwa kwendawo yezidakamizwa.
“Abasebenzi bezenhlalakahle bazongenelela ukuze kuzoba nesiqiniseko sokuthi bathola usizo baphinde babe nezinhlelo zokulapha iziguli ezingaphandle kanye nezingaphakathi.”