Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UMthunzi Qhagana ongumsunguli wenhlangano Izenzo Dadcare elokishini laseKhayelitsha, eKapa usemkhankasweni wokugqugquzela obaba abangekho ezimpilweni zezingane zabo ukuthi baguqule izindlela zabo babambe iqhaza elibonakalayo ezimpilweni zezingane zabo.
Njengoba ahlangabezana nobunzima bokukhula engenababa, uMthunzi Qhagana usungule le nhlangano ngo-2018 ngenhloso yokukhanyisela obaba ngemiphumela yokungabi khona ezimpilweni zezingane zabo.
“Ukukhula ngaphandle kukababa kungidalele izinkinga. Ngagcina ngisemgwaqeni ngoba ngangingenaye owayengiqondisa endleleni. Ngangifisa ukuba ubaba wayekhona empilweni yami, kodwa wayengekho ezihlalele eGoli,” kusho uQhagana.
Inhlangano yakhe iqeqesha obaba ngamakhono okukhulisa izingane futhi ibasize babambe iqhaza ezimpilweni zezingane zabo, idale indawo ephephile yokukhula nokuxhumana. “Asiqeqeshi obaba kuphela, kodwa siqeqesha nabafana abancane ngempilo yengqondo, ubungozi bokuxhashazwa, ukuvimbela ukuzibulala kanye nendlela yokuba abaholi abaqotho.
Egqugquzelwa yilokhu adlule kukho, uQhagana waqala igxathu lokugcizelela ukuthi ukuthumela imali yasekhaya nezimpahla zokugqoka kukodwa akwanele.
“Ngichithe iminyaka eyisithupha ngihlala emgwaqeni ngenxa yokuthi ubaba wayengekho empilweni yami. Obaba kudingeka babambe iqhaza ngenkuthalo ezimpilweni zezingane zabo, ukuhambela imicimbi yabo yezemidlalo nanoma yimuphi umcimbi wesikole kubaluleke kakhulu,” kusho uQhagana.
Abavame ukubizwa ngokuthi “obaba be-ATM”, ilabobaba abavele bathumele imali yokondla izingane zabo kodwa behluleke ukufeza izidingo zezingane ngokuyisekela nezinye izinto.
“Sihlinzeka ngendawo ephephile ukuze abesilisa bacobelelane ngolwazi lwabo kanti nakuba sikhuthaza ukuthi obaba ababekhona ezimpilweni zezingane zabo, siphinde sinikeze amakhono okuba obaba kulabo abafisa ukuthuthukisa ukuzibandakanya kwabo empilweni yezingane zabo. Siyabaqondisa ngendlela yokusingatha izimo ezehlukene.” Inhlangano iyabahlonipha obaba abahambela imihlangano yabo.
“Sikwenza lokhu ngenhloso yokubasiza nokusindisa abafana abancane ekuthatheni izinqumo ezingalungile ngoba bedinga obaba ezimpilweni zabo.”
“Sihlose ukusiza abesilisa ukuze bathuthukise indlela yabo nendlela ababheka ngayo umzali, okwenza izingane zabo zibe abaholi bakusasa.”
Ngaphezu kokusebenza nobaba, inhlangano iphinde ihlele izikhathi nabafana abaneminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili nengu-18, cishe iqembu ngalinye liba nabantu abangamashumi amabili abakhetha ukuhlanganyela nathi.
“Ezinye izingane ziba nolaka noma ziziphathe kabi ngoba zilangazelela ukuba nobaba empilweni yazo, kodwa sihlale sizicebisa ngokubaluleka kokuba indoda eqotho nendlela yokuziphatha,” kwengeza uQhagana.
Ukholelwa ukuthi ukukhuluma nabafana abancane ngezinkinga zomndeni kuzobenza babe obaba abaqotho uma sebekhulile.
“Siphinde sixoxe nabo ngobungozi bobuqhwaga obungadalwa intukuthelo yabo yokungabi khona kukababa empilweni yabo.”
Ngohlelo lwayo olubanzi, Izenzo Dadcare ihlose ukwehlisa isibalo sobaba abangekho futhi ihlomise abesilisa ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo empilweni yabantwana babo, baqinisekise ikusasa eliqhakazile lesizukulwane esizayo.
UDumisani Ntshika naye uhambe emazwini kaQhagana, ethi usebone izinguquko ezimangalisayo kubafana abathola izibonelo ezinhle zabesilisa.
“Ngazi abafana abaningi abake benza izinto ezingalungile kodwa ngemuva kokwesekwa abesilisa ezimpilweni zabo, bashintshe ngokuphelele izindlela zabo. Obaba babamba iqhaza elikhulu ezimpilweni zezingane zabo,” kusho uNtshika.
Uhlalele ethembeni lokuthi obaba abafulathele izingane bazothola isibindi sokulungisa nokufeza izibopho zabo zobaba.
Esithombeni esingenhla: UMthunzi Qhagana, umsunguli we-Izenzo Dadcare ehola umhlangano obumayelana namakhono okuba obaba nokuqeqesha abafana abancane elokishini laseKhayelitsha, eKapa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe