
Sandiso Phaliso
Ngo-2020 umfana wasesigodini sase-Cofimvaba eKhayamandi wasolwa ngokubulala omunye umfana wasesigodini ababefunda kuso.
Manje abafana base-Cofimvaba e-Eastern Cape basatshiswa ngokubulawa uma bengaphinda bebeke unyawo lwabo ezigodini eziseduze nase-Mncuncuzo.
Sekuphele iminyaka emibili abafana abangamashumi amabili nambili abebebhalise eSikoleni soMphakathi samabanga aphezulu bebezizwa bengaphephile.
Ingxabano phakathi kwabafana base-Khayamandi nase-Mncuncuzo isidonse iminyaka emithathu nakuba abaholi bomphakathi bazo zombili lezi zigodi bebambe izingxoxo eziningi ukuze iqedwe.
Ekugcineni, impi iphethe ngenhlekelele.
Kubulawe umfana wase-Mncuncuzo e-Khayamandi ngasekuqaleni kwenyanga. Wayese-Khayamandi ewelela kwesinye isigodi.
NgeSonto kushiswe ikhaya lomfana okuthiwa ubulale umfana e-Mncuncuzo.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Tembinkosi Kinana ukuqinisekisile ukuthi umfana oneminyaka engu-17 osolwa ngecala lokubulala uboshiwe.
“Siyesaba asazi ukuthi kuzokwenzakalani, abafana besigodi sakithi abasafundi e-Mncuncuzo futhi kuyasikhathaza lokhu ngoba yisona sikole esiseduzane nesigodi sangakithi,” kusho umholi womphakathi wase-Khayamandi uSakhele Bamkele.
“Le mpi yaqala ngaphakathi esikoleni kanti manje isithinta wonke umuntu.”
Abafana abaphoqeleka ukuthi bayeke isikole baphakathi kwalabo abafunda ibanga lesi-8 nele-11. Ngaphezu kwalokho abafana abaphase ibanga le-7 ngo-2021 nabo abakwazanga ukuya esikoleni e-Mncuncuzo.
Omunye wabafana oneminyaka engu-19 oshiye esikoleni kwibanga le-10, uthe “Bengizihlalele ekhaya futhi ngisazohlala lapha kuze kube yomibili imiphakathi ithola isisombululo sokuthi sivumeleke ukuya kuleso sigodi”.
Ngenkathi eminye imindeni ithuthela izingane zabo ezihlotsheni ezisemadolobheni nasezigodini ezikude, umfana uthe akanazo izihlobo ngaphandle kwase-Khayamandi, ngakho-ke akakwazi ukuhamba.