Doreen Mokgolo
Amaphoyisa aphoqelekile ukuthi asebenzise izinhlamvu zenjoloba kubabhikishi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Tsakani ngoLwesithathu ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili samaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni asolwa ngokubulala.
Elinye ithimba lihambele enkantolo yase-Ekurhuleni lisuka KwaZulu-Natal lihamba ngohide lwamatekisi anemibalabala liyobhikishela amaphoyisa asolwa ngokubulala uMcedisi Shabalala, ophuma esigodini saseKZN obeze eGoli ezofuna umsebenzi.
Iqembu ebelihlome ngamatshe kanye nezinsimbi lixabane nabezokuphepha ngesikhathi lingavunyelwa ukungena enkantolo.
Abanye ababhikishi besifazane bakhumule babanqunu ngenxa yokucasuka ngesikhathi abanye bewisa isango lonogada lenkantolo.
Iziqhumane kanye nezinhlamvu zenjoloba ezisetshenziswa amaphoyisa azenzanga lutho ukuvimba ababhikishi.
Khonamanjalo, ummeli wombuso utshele inkantolo ukuthi imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sikaMcedisi iveza ukuthi ushone ngenxa yokulimala ngamanxeba amaningi.
Ekhuluma ebhokisini lofakazi, umsolwa wokuqala utshele inkantolo ukuthi balunywe indlebe ngomunye wezimpimpi zabo ukuthi kugcinwe izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezidakamizwa emjondolo.
“Ababili kwabane abebephakathi emjondolo bakwazile ukuphuma emjondolo bebaleka oyedwa ephethe isibhamu.
“Esinye sezikhulu sidubule inhlamvu yesexwayiso komunye wezisulu odutshulwe emlenzeni wesobunxele. Kuye kutholwe isibhamu sohlobo lwe-45,” etshela inkantolo.
Inkantolo iye yaphuma icala lahlehliselwa umhlaka-27, umhlaka-28 nomhlaka-29 kuMandulo ukuze kuzofakwa izicelo zebheyili eziyisithupha ngaphambi kokuthi umsolwa wokuqala aphekwe ngemibuzo.
Abasolwa abayisikhombisa bagcinwe esiteshini samaphoyisa e-Brakpan.
La maphoyisa abhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokwephula umthetho.
NgoLwesine olwedlule ebusuku amaphoyisa amahlanu nabahloli ababili bagasele emjondolo e-Langaville lapho obekulele khona abazala abane.
Kuthiwa bangene ngendluzula emjondolo behlome ngezibhamu bashaya la madoda amane.
Amadoda amabili uShabalala kanye noZenzele Mgaga bakwazile ukuphuma emjondolo babaleka.
UMgaga udutshulwe kabili waphuthunyiswa esibhedlela kodwa kusolakala ukuthi uShabalala uye washaywa, waklinywa ngocingo lokuneka waphinde wadutshulwa isidumbu sakhe saphoswa ngemuva komjondolo egcekeni.
UNomsa Nkosa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bafuna ukwazi ukuthi kungani abasolwa bebulale umzala wakhe.
“Bebengahlomile okusho ukuthi bebengasiyo ingozi emaphoyiseni abehlome eyizingovolo.
“Bekumele bebabophe uma kunesidingo, hhayi ukuthi bebabulale,” esho.