Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abafundi abaningi basale dengwane njengoba bengakwazi ukuya esikoleni ngenxa yokungaboni ngasolinye phakathi koMnyango wezeMfundo e-Western Cape kanye nenhlangano yamatekisi i-Codeta.
Sekuphele izinsuku ezimbalwa abafundi abathembele ezimotweni ezithutha abafundi, ezimotweni ezizimele kanye namabhasi ukuya esikoleni bejikiswa futhi bavinjwa i-Codeta.
Inhlangano yamatekisi ifuna ukuthola ithenda yokuthutha abafundi emnyangweni wezeMfundo.
Kodwa uNgqongqoshe wezeMfundo e-Western Cape, uDavid Maynier ukugxekile ukuvinjwa kwabafundi okungekho emthethweni. Usole inhlangano yamatekisi ngokuzama ukugxambukela ezinkontilekeni zabo zokuthutha nokuqola umnyango imali.
I-Codeta esifundeni sase-Khayelitsha ithi isikhulume nomnyango ukuthi uyeke ukunikeza amabhasi ithenda kunalokho uyinike inhlangano njengoba ithi iyakwazi ukwenza umsebenzi.
Lesi simo sidale ukukhathazeka okukhulu kubazali nabashayeli. Abaningi bakhathazekile ngokuphepha kwezingane uma kuzosetshenziswa amatekisi ukuthutha izingane ukuya esikoleni.
UMandisa Ntikinca ongumzali uzwakalise ukukhathazeka kwakhe: “Bangamagovu. Bazokwazi kanjani ukuthutha izingane zethu ekubeni bengakwazi ngisho nokuphatha abagibeli [abadala]?”
Omunye umzali uZikhona Mesi uzwakalise ukudinwa kwakhe: “Kumele balungise izinkinga zabo nomnyango futhi bengasifaki ezinkingeni zabo.”
Umshayeli othutha abafundi uMzukisi Nkonjane uthe ngeke azifake engcupheni ngokuthutha izingane.
Okhulumela i-Codeta, u-Andile Khanyi uchaze ukuthi emhlanganweni ababanawo nyakenye batshelwa ukuthi isicelo sabo sisazocubungulwa nokuthi omele umnyango udinga ukunikwa ithuba kuze kuphele uMbasa wanyakenye.
Kodwa-ke, ngemuva komhlangano wokuqala akuzange kuphinde kuhlelwe imihlangano.
Ngemuva kwezinsuku belindile, i-Codeta isimemezele ukuthi izimoto zesikole kanye nezimoto ezizimele zingathutha abafundi kusukela ngoLwesine ngomhlaka-16 kuNhlolanja. Kodwa amabhasi awavumelekile, kusho uKhanyi.
“Sizothutha abafundi abebesebenzisa amabhasi ezikoleni zabo okwesikhashana kuze kube sithola impendulo emnyangweni wezeMfundo.”
I-Codeta ithe le nhlangano izothutha izingane mahhala kuze kube umhlaka-23 kuNhlolanja ukuze banikeze uMnyango isikhathi sokuqhubeka nezingxoxo nokuthola isixazululo sale ngxabano.
Siyathemba ukuthi uMnyango wezeMfundo e-Western Cape nenhlangano yamatekisi bengakwazi ukuxazulula izinkinga zabo maduze ukuze abafundi babuyele esikoleni ngaphandle kokuphazamiseka.
Esithombeni esingenhla: Abazali nabashayeli bezimoto ezithutha abafundi baye emahhovisi e-Codeta e-Khayelitsha, eKapa
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze