Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amalungu omphakathi ase-Mandalay eKapa amise osonkontileka abebezama ukubhidliza ibhuloho elibaxhumanisa ne-Lower Crossroads.
Leli bhuloho lavalwa eminyakeni emibili edlule, umphakathi wase-Mandalay owawusucikekile izigebengu zase-Lower Crossroads eziliwelayo zizobamba inkunzi.
NgoLwesihlanu ekuseni osonkontileka baqale ukucekela phansi leli bhuloho, kodwa abazange bahambe ibanga elide njengoba amalungu omphakathi abethukuthele amise ukudilizwa kwebhuloho.
Bebefuna ukwazi ukuthi ubani onikeze osonkontileka imvume yokudiliza leli bhuloho.
“Abakwazi ukuvele badilize nje lelo bhuloho, salivala ngoba sicikwe ubugebengu okwase kudlangile, njengoba izigebengu zazisebenzisa leli bhuloho ukubaleka,” kusho isakhamuzi sase-Mandalay.
Osebenza kule nkontileka uchaze ukuthi baqashelwe ukuthi badilize ibhuloho futhi abazange babuze imibuzo eminingi.
“Sinikwe umsebenzi wokudiliza leli bhuloho okuwumsebenzi vele esijwayele ukuwenza okubuhlungu ukuthi asikaze sibuze amakhasimende ethu ukuthi kungani kumele silidilize njengoba umsebenzi wethu ukwenza okufunwa amakhasimende ethu, kodwa uma umphakathi ufuna siyeke sizowudlulisa umyalezo kulaba abasiqashile.”
USinazo Kula (39), uthe ubugebengu behlile selokhu bavala ibhuloho. “Sakha udonga lwezitini salufaka nezinsimbi ngoba sesikhathele ukujaha izigebengu.
“Akekho ozofika azodiliza leli bhuloho ngoba nabantu abathumele osonkontileka abazi ukuthi izigebengu zisifake ebunzimeni obunjani. Bezidala isiphithiphithi nokuhlukumezeka emphakathini.”
Leli bhuloho lakhelwa ukusindisa izimpilo zezakhamuzi eziwela umgwaqo uthelawayeka ophithizelayo.
“Besingenayo enye indlela ngaphandle kokuvala ibhuloho.”
UMnu Lulama Makhala (45) ujabulile ebona osonkontileka bebhidliza leli bhuloho.
“Ngijabule ngoba ukuvala ibhuloho bekunonya, ikakhulukazi ngaphandle kokuxoxisana nomphakathi wase-Lower Crossroads. Nathi sikhahlamezekile ngenxa yobugebengu, kodwa asikaze sicabange ukuthi kumele kuvalwe ibhuloho.”
Akubona bonke abavumelana nokuvalwa kwebhuloho. Isakhamuzi sase-Lower Crossroads sithe: “Abantu bebelahlekelwa izimpilo zabo ngoba bebengenayo enye indlela ngaphandle kokuwela uthelawayeka u-R300.
“Bazicabangela bona bodwa , futhi abantu bashayiswa izimoto ezihamba ngesivinini esikhulu emgwaqeni onguthelawayeka. Bekumele basungule iqembu elizoqapha ibhuloho.”
Isithombe esingenhla: Ibhuloho lase-Mandalay elavalwa eminyakeni emibili edlule
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze