Zukile Majova
Inyunyana yabasebenzi i-National Union of Metalworkers of South Africa ingaphansi kwengcindezi yokuthi ivikele isinqumo sokusebenzisa u-R39 million engqungqutheleni yayo ebe nezinxushunxushu ngosuku lokuqala.
Inyunyana ithi isithole indawo ephezulu kwi-Cape Town Convention Centre futhi ibhalisele izithunywa ezingaphezu kuka-700 izindawo zokuhlala emahhotela aphezulu.
Izithunywa ziphinde zithole uhambo lwendiza, ukudla neziphuzo kanti ithikithi lokudla lansuku zonke lilinganiselwa ku-R500 umuntu ngamunye.
Izindleko ezifanayo zizosetshenziswa kwizivakashi, izihambeli ezingavoti nakubasebenzi abasekelayo okwenza ingqikithi yenani labazothamela umcimbi libe ngaphezu kuka-1000.
Okhulumela i-Numsa uPhakamile Hlubi-Majola uthe ingqungquthela ibambezelekile kusukela ngo-2020 ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19. Uthe inyunyana isengcupheni yokukhishwa ohlwini uma ingenayo ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Okubi nakakhulu ukuthi inhlangano iphonselwe inselelo iqulu lamalungu e-Numsa amisiwe emsebenzini athola incwadi yenkantolo yezabasebenzi eGoli.
NgoLwesithathu abamele le nhlangano bathumelele abaphathi be-Numsa incwadi bebatshela ukuthi inhlangano izodelela iNkantolo uma iqhubeka.
UHlubi-Majola uthe bazoqhubeka nengqungquthela ngoba iNkantolo yabavimba ngesikhathi izithunywa zabo ziye eKapa.
“Asinayo imali yokwenza kabusha le ngqungquthela. Siyahambisana nomyalelo weNkantolo, kodwa siyalidlulisa icala.”
NgoLwesithathu ebusuku uMengameli we-Numsa u-Andrew Chirwa kanye nozakwabo uNobhala u-Irvin Jim bavule ingqungquthela ngesikhathi abammeli babo belwela umzamo omusha wokunqanda le nhlangano.
Bobabili bazama ukukhethwa kabusha ukuhola inyunyana enkulu kwelakuleli eminye iminyaka emine.
Kuthe uma kuqala ingqungquthela izithunywa zase-Western Cape nase-Kurhuleni zenze umbuthano zithi le ngqungquthela ibukela phansi iNkantolo.