Ingwijikhwebu kolwethenda yokuphakela ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uya ngokuba muncu usuku nosuku umbango wethenda yokulethwa kokudla kwezingane zesikole KwaZulu-Natal.

Inkampani enikezwe u-R2-billion iyenqaba ukusebenzisana neziphathimandla zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal futhi isihoxisile isinqumo sayo sangaphambilini sokuhoxa kule nkontileka.

Manje ifuna uMnyango uhoxise isekhula ethunyelwe ezikoleni ngesonto eledlule enikeza isaziso sokuqedwa kwethenda yokudla yenkampani i-Pacina Retail.

Le nkampani iphinde yakhipha umyalelo wokuthi umnyango uyikhokhele ngokushesha ukuze iqhubeke nokuhlinzeka izikole ngokudla.

Encwadini ye-imeyili eya kumphathi womnyango uMnu Nkosinathi Ngcobo ephuma kumphathi we-Pacina Retail  uMnu Manzini Zungu, uthe le nkampani ihoxe okwesikhashana kule thenda ngenxa yezinkinga ezidalwa umnyango.

“Ngokwesivumelwano sethu sesikutholile ukudla kwenyanga kaNhlaba noNhlangulana. Ngaphandle kwalokho kuke kwaphazamiseka ukusebenzisana nathi ngasohlangothini lomnyango. Abazange bahlole indawo yethu egcina ukudla njengokwesivumelwano sabo,” kusho uZungu.

I-Scrolla.Africa sizamile ukuthola ukuphawula koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal kodwa okhulumela ezokuxhumana uMnu Muzi Mahlambi akatholakalanga futhi wehlulekile ukuphendula imibuzo athunyelelwe yona. UZungu ukuqinisekisile ukuthi inkampani yakhe isayingxenye yenkontileka futhi ikulungele ukufeza isivumelwano abasisayinile.

Ngesonto eledlule i-ANC KwaZulu-Natal iyalele uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMbali Fraser ukuthi anqamule inkontileka yaphinde yasola i-Pacina ngokwehluleka ukuhlangabezana nezidingo zabafundi.

Esithombeni esingenhla: Umphathi wenkampani i-Pacina Retail uMnu Manzini Zungu

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva