Ingwiji kumfundisi owabiza umculi odumile ngomthakathi  

Umfundisi waseMelika uye wasabalala kakhulu ngokubiza uBeyonce “ngomthakathi” okufanele wonke amaKristu alungile angabi ngabalandeli bakhe.

Kodwa kubonakala sengathi lo mfundisi akakwenzi akushumayelayo njengoba kuvele ukuthi wake waya kwikhonsathi kaQueen B – futhi wayithanda.

Izintshumayelo ezishukumisayo zomfundisi waseMelika uTiphani Montgomery sezibhebhetheke kakhulu ngemuva kokukhuza amaKrestu azibiza ngabalandeli bakaBeyoncé.

UMontgomery ozibiza ngomphrofethi ukhulume ngekhonsathi ezayo kaBeyoncé embuthanweni wakamuva ebandleni lakhe, kubika i-Business Insider.

Entshumayelweni yalo mfundisi okwabelwanwe ngayo ku-YouTube naku-TikTok, uthe abazoya kwikhonsathi kaBeyoncé bazojeziswa ngegama likaJesu.

Muva nje lo mfundisi ugxeke amaKristu angabalandeli bakaBeyoncé wabiza lo mculi “ngomthakathi” ohola abathakathi.

Kodwa-ke, kwelinye lama-tweets amadala kaMontgomery ango-2014 umfundisi wabhala ukuthi wathola ithuba lokuhambela ikhonsathi kaJay-Z noBeyoncé, futhi wathi “kwakumnandi.”

Owayesebenza nebhendi kaBeyoncé i-Destiny’s Child, uMichelle Williams ungene ezinkundleni zokuxhumana ukuze akhuze uMontgomery.

“Ngiyazi ukuthi akusilona ubizo lwami ​​ukuthi ngithuke abaculi ngokuthi bazoya esihogweni nokuthi bazoshona,” esho.

Ngokubukwa kwabantu abangaphezu kuka-237 million kwividiyo yakhe yokushumayela, uMontgomery wakhuluma ngalokhu kugxekwa ngama-tweets ambalwa ngomhlaka-13 kuNhlolanja.

Eziphendulela kubagxeki bakhe uthe wagxeka uBeyoncé ngemuva kokusindiswa ngoNcwaba ngo-2015.

Noma yimaphi ama-tweets nokuqukethwe okwathunyelwa ngaphambi kwalokho, “KWAKUYIMINANGIYIMPUMPUTHE NJENGOBA NIYIZIMPUMPUTHE NAMUHLA!”

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: UBeyoncé

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva