Dylan Bettencourt
Kube nengwijikhwebu odabeni lwemiphumela kamatikiletsheni emva kokuthi iNkantolo eNkulu yasePitoli ikhiphe isinqumo esithi ayishicilelwe emithonjeni yabezindaba.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo usanda kumemezela ukuthi ngeke usayishicilela kwabezindaba imiphumela kamatikuletsheni ngoba uvikela noma uhlonipha imininingwane yabafundi. Ngemuva kwalesi simemezelo somnyango, kwaba nezinhlaka ezasiphonsela inselelo enkantolo lesi sinqumo njengoba inkantolo isikhiphe isinqumo esithi imiphumela ayikhishwe ngendlela eyejwayekile.
Isizathu bekuwukuthi ukushicilela imiphumela yomuntu kuzoba ukwephula umthetho wokuvikeleka kwemniningwane yabafundi (i-POPI Act).
“Bonke abafundi kuzomele bathole isitatimende semiphumela ezikoleni abebefunda kuzona,” kusho umnyango.
“Ngaleyondlela, imininingwane yomfundi mayelana nemiphumela yezivivinyo zikamatikuletsheni izovikeleka.”
Noma kunjalo, isinqumo esithathwe iNkantolo ngoLwesibili ekuseni sicacise ukuthi imiphumela obekumele iphume ngoLwesine isizoshicilelwa kwabezindaba njengakuqala.
I-AfriForum, ihambisana ne-Maroela Media kanye nomfundi kamatikuletsheni u-Anle Spies, baphikise lesi sinqumo enkantolo ngemuva kwalokho inkantolo yavuna bona kulesi sinqumo esimelene noMnyango Wezemfundo.
USpies uphikise ngokuthi kubalulekile ukuthi abafundi bakamatikuletsheni bathole imiphumela yabo ngokushesha ukuze balungiselele ikusasa labo lokuya emaNyuvesi abanye belungiselele ukufuna imisebenzi.
Uqhube wathi inqwaba yabafundi abasekho ezindaweni lapho ebebefunda kuzo isikole sabo okwenza kube nzima ukuthi bathole imiphumela yabo.
Lolu daba lusaqhubeka.