Ingwevu yaseZim (67) kwesenkunzi e-Rosettenville

Everson Luhanga

Beziqinile ezokuphepha eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngesikhathi abasolwa abayishumi ababandakanyeka esigamekweni sokudubulana nabakwasidlodlo ngoMsombuluko e-Rosettenville  bevele enkantolo. 

Abasolwa, okuhlanganisa nomunye odabuka e-Zimbabwe oneminyaka engu-67 ubudala, baboshwe ngoMsombuluko ngemuva kokuba amaphoyisa ephazamise isigameko sokubamba inkunzi imoto ethwala imali ebesihlelwe ithimba lezigebengu ezingu-25.

Abasolwa abayisishiyagalombili badutshulwe babulawa ngamaphoyisa ngesikhathi abanye abaningi belimala esigamekweni esikhulu sokudubulana eNingizimu Afrika.

Abasolwa abayisithupha, okuhlanganisa namalungu amabili ophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, babalekile kanti namanje basagcwele amathafa.

Umsolwa oyedwa ubanjwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu kwathi ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi nguyena odubule iphoyisa ebelikwindiza enophephela emhlane ngesikhathi kudutshulwana.

USihle Mazibuko (35), uQaphela Ngubeni (33), uMenzi Shabalala (47), uHloniphani Dube (40), u-Alex Matshebele (40), uPhendula Mvubu (44), uMike Ngwadi (47), u-Andrew Tshobolo (67), uKhulekani Nkosi (36)  noKitso Mnguni (45) bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesithathu.

La madoda avele enkantolo ngamacala ahlukene kusukela kulawa ayisishiyagalombili okubulala, ukuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukutholakala neziqhumane, ukutholakala nezimoto eziduniwe, nelokwakha itulo lokubamba imoto ethwala imali inkunzi.

Okhulumela oKlebe, uBrigadier Thandi Mbambo, uthe amaphoyisa asaphenya abasolwa ukuze kutholakale ukuthi abaxhumene yini namanye amacala.

NgoMsombuluko, okhulumela i-IPID uGrace Langa uthe iphoyisa elilodwa lidutshulwe esiphongweni lashonela endaweni yesigameko. Kodwa ngoLwesithathu, i-IPID yasihoxisa isitatimende yathi awekho amaphoyisa ashonile ngesikhathi sokudubulana.

Wonke amaphoyisa ombutho we-SAPS kanye nenele-JMP adutshulwe alimala ngesikhathi igagazisana.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Elias Mawela, ovakashele amaphoyisa alimele ngoLwesibili, uthe ayalulama amaphoyisa akumele.

Icala lihlehliselwe umhlaka-3 kuNdasa ukuze kuqinisekiswe amakheli abasolwa.

Scrolla World Cup Quiz