Lubhalwe nguLinda Ximba
Emzamweni wokuthuthukisa uhlobo lomculo kamaskandi umakadebona womculi uhhashi Elimhlophe useqale umkhankaso wokuvumbulula ithalente lasemakhaya.
Ngephrojekthi yakhe ebizwa nge-Ihhashi Movement Legacy Project eyethulwa eminyakeni emibili edlule, lo mculi nomshayi wesiginci ufuna amathalente ezindaweni ezikude KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
Ngesikhathi somcimbi obuse-World of Yahama e-Sandton ngempelasonto wethule abaculi abasha abayishumi asebehlungwe kanzima baphinde baqeqeshwa.
Baklonyeliswe ngezipho ze-Yamaha ezibiza phakathi kuka-R7 000 no-R9 000 futhi bazoqopha ama-albhamu abo okuqala maduze.
UMasixole “Mthandeninonke” Felem wase-Lusikisiki, e-East London kanye noBongani Mfeka waseMtubatuba enyakatho kwaZulu-Natal bashayele ihlombe le ngqalabutho yomculi ngokubanikeza ithuba lokufeza iphupho labo lesikhathi eside.
Bathe uma bengqongqoza eMnyangweni eminingi becela usizo bebengalitholi.
“Leli thuba elikhulu sizolibamba ngezandla zombili ngokunikela ngakho konke,” kusho laba abasebasha.
Lo mculi kamaskandi ogama lakhe langempela nguBhekinkosi Ngcobo uthe lolu hlelo uhlose ngalo ukwakha umlando womculo kamaskandi.
Uzimisele ngokubona lolu hlobo lomculo lungashabalali ngoba abaculi bakamaskandi balwe kanzima beqinisekisa ukuthi luphathwa ngendlela efanayo nezinye izinhlobo zomculo emisakazweni nakumabonakude.
“Njengoba abanye balaba baculi besebasha kulo mkhakha siyabasiza ngokucobelelana ngolwazi sibafundisa ngezinto ezenzeka kulo mkhakha.
Sibafundisa ukuphatha imisebenzi yabo kahle kanye nezimali ngoba isikhathi esiningi lokho kuba isikhubekiso kwabaningi. Nginxusa nabanye abaculi abaphumelele ukuthi babuyisele emiphakathini yabo.”
Ihhashi Elimhlophe owaziwa ngezingoma zakhe ezithi-Nkiyankiya”, “ne-albhamu ethi-Kulikhuni” nethi “Muntuza” useneminyaka engaphezu kuka-40 likulo mkhakha. Ngenxa yokushintshashintsha nokukhankasa kwakhe ikhono lakhe limenze wasebenzisana nabaculi bezinye izinhlobo zomculo abafana noDJ Oskido, iBoom Shaka, uSbu Ama-Lawyer kanye noDon Laka we-Soul Brothers.
Isithombe esingenhla esomculi uHIhhashi elimhlophae
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe